UBANGWA nezibi esibhedlela owesifazane olimale kabi kungqongqa indlu abelele kuyo nomndeni, esigamekweni okushone kuso ubaba wekhaya, umzukulu nowesifazane obesiza.
Lesi sigameko esenzeke ngesonto eledlule KwaNtabankulu oLundi, sishiye amalungu omphakathi ebambe ongezansi. Sidlule nomphefumulo kaMnuz Zibonele Mkhize (60) oyinhloko yomuzi, uLisakhanya Mthethwa (4) owumzukulu noNksz Nomalanga Mchunu okuthiwa ubengumsebenzi kuleli khaya.
Kuthiwa abanye emndenini balimale okungatheni, kanti owesifazane ongumnikazi womuzi yena usesimeni esibucayi esibhedlela emva kokuthi elimale kulesi sigameko.
Ikhansela kule ndawo, uMnuz Fisokwakhe Dlamini, liuthe nakuba isizathu sokusha kwendlu enkulu okuvela ukuthi beyilala amalungu omndeni abalelwa kwayisishiyagalolunyeni ingakaziwa, kodwa kusolwa ukuthi kubangelwe ukucinywa kukagesi.
“Kunohlelo lokucinywa kukagesi amahora athile komasipala. Sikholwa ukuthi kungenzeka ukuthi kukhona obekhanyise ikhandlela wakhohlwa, asazi. Akekho futhi osinika izimpendulo ngoba abantu abadala abebekhona yibona abashonile kanti osindile usesibhedlela, bonke laba abanye izingane okungekho okutheni ezikukhumbulayo,” usho kanje.
Uthe okwehlele umndeni kubashaqise kakhulu, kangangoba umfana osethe ukukhula okuwuyena owazama ukuhlenga unina nowazibonela uyise nabanye ababili bengqongqa, kuyakhombisa ukuthi uhlukumezeke kakhulu emqondweni ngenxa yalesi simo.
Owomndeni, uNksz Silindile Mkhize, uqinisekise ukuthi uyise ubefihlwa khona izolo, kanti uLisakhanya ufihlwe ngeSonto bese kuthi uNksz Mchunu yena batshelwe ukuthi uzofihlwa namhlanje.
“Izikhulu zikaMasipala oLundi zifikile ukuzobhonga emswaneni. Lukhona usizo esilutholile kumasipala, osihlangabeze ngalo,”usho kanje.
IMeya kulo masipala uMnuz Wilson Ntshangase, idlulisele amazwi enduduzo emndenini ngesikhathi iwuhambele ngoMsombuluko.