SIBI isimo kowesifazane ogxotshwe yindlulamithi nengane yakhe enezinyanga eziwu-16, yona ephethe ngokushona ngemuva kwalesi sigameko esenzek esiqiwini iKuleni Farm, eHluhluwe.
Lesi sigameko senzeke ngoLwesithathu ngabo-4 ntambama.
ULt Col Nqobile Gwala wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe amaphoyisa aseHluhluwe avule idokodo emuva kokuthi owesifazane (25) nengane yakhe enezinyanga eziwu-16 begxotshwe yindlulamithi esiqiwini iKuleni Farm.
Uthe ingane iphuthunyiswe kudokotela wendawo lapho ishone isikhona, unina uphuthunyiswa esibhedlela, walaliswa egumbini labagula kakhulu.
Uthe namanje usesimweni esibi, amaphoyisa asaphenya ngesigameko.
UMnuz Shawn Herbst obhekele ezokuxhumana enkampanini yabezimo eziphuthumayo iNetcare 911, uthe babizwe endaweni yezivakashi eseHluhluwe ngabo-3.30 ntambama ngoLwesithathu, bafica owesifazane nengane yakhe belimele.
Uthe bathole ukuthi umama nengane abahlaselwe yindlulamithi, bahlala khona kule ndawo.
Uveze ukuthi ingane iphuthunyiswe kwadokotela wendawo kodwa yashona ifika. Unina wengane ubelimele kakhulu, base benquma ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlane.
Uthe amaphoyisa azophenya ngembangela yokuhlaselwa kwabalimele yindlulamithi ngoba bona bafike sebezothatha abalimele beyiNetcare 911
Isolezwe lizamile ukuthinta abaseKuleni Farm kodwa lathola ukuthi lesi siqiwi sinezindawo ezihlukene zokungcebeleka ezihlala izivakashi.
Inamba yeWhatsApp ekwi-website yesinye isakhiwo esihlalisa izivakashi khona eKuleni, ibuyise umyalezo othi bamatasa okwamanje babhekene nesimo esiphuthumayo bewumndeni.
Kwenye indawo eshayeliwe nayo ekwi-website yaseKuleni, obambe ucingo uthe ngeke akwazi ukuphawula ngalolu daba.
Akucaci ukuthi owesifazane olimele nengane yakhe bebeyizivakashi noma bangabanikazi bendawo.
Kwi-website yaseKuleni, abanikazi bayo bagaba ngokuthi izivakashi zikwazi ukubona izilwane zasendle bukhoma ngoba zihamba eduze kwabantu.
Ichazwa njengekhaya lezinyoni ezihlukene nezilwane zasendle futhi iyindawo enakekela imvelo.