USAZOQHUBEKA nokuba yiMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda emuva kokuhlehliswa kohlelo lokuvotela ukuthi akhishwe esikhundleni, obekulindeleke ukuthi kube izolo.
Lokhu bekulindeleke ukuthi kwenzeke emhlanganweni wamakhansela kamasipala, obuwenziwe ngobuchwepheshe besimanje.
Kuqale ikhansela le-IFP uMnuz Jonathan Annipen, laphakamisa ukuthi amakhansela emhlanganweni abe sendaweni eyodwa, umuntu avote siqu sakhe.
Lokhu kwesekwe nangamanye amakhansela athe kuzobhimba izinto, kuphazamiseke uhlelo lokuvota uma kuvotwa ngekhompyutha.
USomlomo uMnuz Thabani Nyawose, emuva kokubonisana nenhloko yezomthetho emkhandlwini, uMnuz Malusi Mhlongo, ube esekuhlehlisela usuku olusazonqunywa ukuvota.
Phambilini inhlangano i-Active Citizens Coalition lenze isiphakamiso sokuthi kuvotelwe ukuthi akhishwe ngevoti uKaunda esigungwini esilawula umasipala nasekubeni yimeya.
Le nhlangano isola uKaunda ngokuhluleka ukwenza umsebenzi wakhe ngendlela elindeleke kuyena wokuba yimeya.
Obeyiphini leMeya yeTheku, uMnuz Philani Mavundla uthe ngaphambi kokuthi kuvotwe uNyawose akaqale aqinisekise ukuthi wonke amakhansela akhona emhlanganweni futhi azisho namagama awo.
Ikhansela le-ANC uMnuz Nkosenhle Madlala, lingenelile kokufunwa wuMavundla, nebala wavuma uNyawose.
Umholi wekhokhasi ye-ActionSA emkhandlwini, uMnuz Zwakele Mncwango uthe bebezoluphonsela inselelo enkantolo lolu hlelo ukube kuqhutshekiwe kwavotwa izolo.
UMncwango uthe emhlanganweni okulindeleke ukuthi ube ngoLwesihlanu e-ICC, lapho amakhansela azobe ehlangene ndawonye, kumele banikwe umkhombandlela ngokumele kwenziwe.
“Simfuna ephumile esikhundleni uKaunda ngoba umhlulile umsebenzi. Kodwa besingeke sizibeke engcupheni sivote ngobuchwephese besimanje, singazi ukuthi wobani abasemhlaganweni nabangekho. Kunanenkinga yokucima kukagesi, amanye amakhansela azongabi khona uma sekuvotwa, ekugcineni bese efaka isimangalo,” kusho uMncwango.
UMnuz Thabani Mthethwa ongumholi wekhokhasi yeDA eThekwini, uthe babhalele incwadi uNyawose befuna kungavotwa emhlanganweni obuyizolo, ngenxa yendlela obusingethwe ngayo.
“Siyajabula futhi siyakwamukela ukuhlehliselwa olunye usuku lokhu kuvota, ukuze wonke umuntu ezogculiseka ngemiphumela eyophuma uma sihlanganyele endaweni eyodwa sonke singamakhansela,” kusho uMthethwa.