BAZOVELA eNkantolo yeMantshi eRichards Bay namuhla abasolwa abangu-30 ngezinsolo zokudayisa izincwadi zokushayela zomgunyathi.
Laba basolwa abakhalelwe ngamasongo kaSigonyela basebenza esikhungweni sokushayela saseMelmoth ngaphansi koMasipala waseMthonjaneni.
Esitatimendeni esikhishwe wuMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu, kuvela ukuthi bebedayisa izincwadi ngo-R2 500.
“Ngaphambilini, uphiko oluhlola izimoto emnyangweni nophiko loKlebe babophe abantu abangu-9, abahloli ababili nabafake izicelo zamalayisensi abangu-10 abahlomulile. Umnyango usuwahoxisile wonke amalayisensi akhishwa yilabo ababoshiwe,” kusho isitatimende.
Siqhube sathi lokhu kuyinkomba ecacile yokuzimisela komnyango ukuqeda ngeqembu lezigebengu, okuhlanganisa abahloli, abanikazi bezikole zokushayela nabafaka izicelo.
“Umyalezo wethu uthi abashayeli mbumbulu abenze izivivinyo zokushayela zomgunyathi bazosuswa emigwaqweni yethu, baboshwe futhi bavalelwe ejele. Lokhu sikwenzela ukuqeda izingozi emigwaqweni yethu futhi sisindise impilo yabantu abangenacala,” sisho kanje.
UMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uncome ukuboshwa kwalaba basolwa.
UDuma uncome umsebenzi omuhle owenziwa uphiko loKlebe namaphoyisa omgwaqo, waphinde wancoma ukuzikhandla kwabasebenzi balo mnyango.
“Laba basebenzi bayaqinisekisa ukuphepha kwabashayeli emgwaqweni kanye nokuphepha komphakathi. Umnyango uzoqhubeka ukhuculule ukungcola ezikoleni zokushayela nasezindaweni zokuhlola ezahlukene,” usho kanje.
Umphathiswa uthe labo abashayela izimoto bengenazo izincwadi, amalayisensi abo azothathwa ebese beyaboshwa babhadle ejele ngoba izingozi eziningi emgwaqweni zidalwa ukuthi abantu abaningi bashayela bengenazo izincwadi futhi nokuqeqesheka okusezingeni abakutholanga. Uqhube wathi umnyango uqinisekisa ukuthi usebenze ngokuzikhandla ukuvikela umphakathi uphephe ezingozini zemigwaqo.