KUSHONE abantu abangaphezu kuka-225 kuleli ngamaholidi ePhasika kulo nyaka. Ngonyaka owedlule kwadlula emhlabeni abantu ababalelwa ku-161.
Lezi zibalo zimenyezelwe wuNgqongqoshe wezokuThutha kuleli, uNkk Sindisiwe Chikunga, eseWaterfall Park, eMidrand ngoLwesihlanu. Uthe zibalelwa ku-185 izingozi ezigcine zikhiphe imiphefumulo ekubeni zaba ngu-135 nyakenye.
Uthe ukushayela ngokunganaki nobudedengu kanye nokushayela kudliwe amanzi amponjwana yikho okube yimbangela enkulu ekubhubheni kwabantu ngalolu hlobo.
"Ingozi eyenzeke ngenxa yokuphuza ngokweqile yenzeke enkabeni yedolobha iHarrismith, eFree State lapho umshayeli etholwe nesilinganiso sotshwala obuwu-1.16mg egazini." Uthe leso sibalo besiphindaphindwe kwesisemthethweni esingu-0.24.
"Umshayeli obehamba ngesivinini esikhulu ubanjwe emgwaqweni uN1, eduze kwaseLyttleton eCenturion, eGauteng. Ubegijima ngejubane lika-198km/h."
"Bangu-30 934 abahlawulisiwe, zingu-430 izimoto ezinqandwe ukuhamba emgwaqweni ngoba bezingekho esimweni, zingu-1 625 ezithathiwe ngenxa yokuhamba ngezimvume ezingombombayi noma ebezihamba emizileni ezingagunyaziwe ukusebenzela kuyo. Bangu-1 716 abashayeli ababoshelwe ukuhamba ngejubane eleqile, ukushayela bedakiwe nangokuba budedengu," kuphetha uNkk Chikunga.