ZIMKHALELE ngoLwesithathu, umsolwa wesikhombisa ecaleni lokubulawa komculi uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane.
U-AKA noTibz badutshulwa ngaphandle kwendawo yokudlela esemgwaqweni uFlorida, iWish ngoFebhuwari, nyakenye.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asembophile umsolwa wesikhombisa kuleli cala.
“Umsolwa oneminyaka engu-30, uboshwe namuhla (esho izolo). Lokhu kwenza isibalo sababoshiwe sifinyelele kwabayisikhombisa,” kusho uNetshiunda.
Uthe abasolwa abayisihlanu bazovela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, namuhla.
IMeya yaseThekwini, uMnuz Mxolisi Kaunda, ikushayela ihlombe ukusebenza kwamaphoyisa ebopha abasolwa.
Uthe ukuboshwa kwalaba kuzobuyisa ithemba kubantu baseNingizimu Afrika ukuthi ingalo yomthetho ifinyelela kunoma ngubani owenze ubugebengu.
“Lezi zindaba zakamumva zizophinde zibuyise ithemba ngisho nakosomabhizinisi, abahwebi, izivakashi nezakhamuzi ukuthi sizimisele nokulwa nobugebengu ukuqinisekisa ukuthi iTheku yindawo ephephile yokutshala imali nokuvakasha,” kusho uKaunda.
NgoLwesibili, uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele nomkhuzi wawo KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, baveze imininingwane ngokuboshwa kwabasolwa.
UMkhwanazi uqinisekise ukuboshwa kwabasolwa ababili abayizelamani eSwatini ngoMgqibelo. Ababili baboshwe ngoLwesibili kanti omunye waboshwa ngo-Ephreli, nyakenye.
Uthe iqhinga labo kwakungukuthi abasolwayo baqale bababoshelwe amanye amacala abathinteka kuwo, kuyima kwengezwa elokufa kuka-AKA, ukugwema ukuthi babaleke.
Kubasolwa, uthe kukhona ababili abadubula, kube khona ababili ababemlandela yonke indawo lapho ayehamba khona kusuka esikhumulweni sezindiza iKing Shaka International, isehhotela kanjalo nasendaweni yokudlela agcina edutshulwa ngaphandle kwayo.
Kuthiwa omunye wabasolwa uye owaba ngumdidiyeli, owahlanganisa izibhamu nezimoto okwasetshenziswa kuleli cala waphinde wakhokhela bonke abasolwa emva kokubulala.
Uthe zine izimoto ezasetshenziswa, kuzona kukhona iMercedes Benz, i-BMW okuthiwa yayo eyayilandela u-AKA, kube iHyundai Grand i10 kanjalo ne-VW Polo.
Izimoto ezimbili kuthiwa zaziqashiwe kanti amaphoyisa abuqoqa bonke ubufakazi kumnikazi wazo, obufaka phakathi imininingwane yababeziqashile.
UMkhwanazi uveze ukuthi kwakuhlelwe ukuthi u-AKA adutshulelwe emotweni kodwa wathatha isikhathi ebingelela abangani, wagcina esedutshulelwa ngaphandle kwendawo yokudla.
UTibz yena kuthiwa wathelwa amachaphazelo.
Yize amaphoyisa engafunanga ukuveza imali abakhokhelwa yona kwabezindaba kodwa ngokwemibiko yephepha laseSwatini, iTimes of eSwatini, bakhokhelwa u-R800 000 okuthiwa bawucazelana ngokulinganayo.