UMBUSO awukamtholi namanje ungqondongqondo owakha itulo lokusoconga ikhansela le-ANC, eCliffdale, eThekwini ngoJanuwari 2022.
Lokhu kudalulwe wumshushisi, u-Advocate Elvis Gcweka eNkantolo eNkulu yaseThekwini, izolo.
Ubenza izethulo zokugcina ecaleni lokubulawa kukaMnuz Minenhle Mkhize elibhekene noMnuz Mxolisi Gcabashe, okuthiwa nguye owadubula umufi.
Uzokwazi ngoLwesibili ukuthi liyamgojela noma uphuma phambili ecaleni uGcabashe.
UGcweka uthe nembangela yokubulawa kukaMkhize isaphenywa kodwa ubufakazi bemoto nobezingcingo bubeka uGcabashe endaweni yesigameko.
Amaphoyisa acosha amagobolondo ezinhlamvu egcekeni kwaGcabashe afana natholakala lapho kwabulawa khona uMkhize.
Ummangalelwa uthweswe amacala ayisikhombisa, okungamabili okutholakala nezibhamu namabili okutholakala nezinhlamvu ezingekho emthethweni, elokweba nelokubulala.
IJaji elibambile uSanele Hlatshwayo libuze uGcweka ukuthi uMbuso usonga icala nje alikezwa ukuthi wubani ungqondongqondo nembangela yokubulawa kukaMkhize.
UGcweka uphendule wathi babuya belambatha belandela umkhondo wamarekhodi ezingcingo ezazishaywa nguGcabashe nayexoxa nabo kodwa uphenyo lusaqhubeka.
“Kuba lula ukuthola ungqondongqondo nembangela uma omunye wabasuke bakhe itulo ephenduka ufakazi woMbuso, adalule konke nabathinteka ecaleni,” kusho uGcweka.
UMkhize wadutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu engena kubo, okuyisigameko esabonwa yingane yakhe eyafakaza ngakho enkantolo.
Ummeli kaGcabashe, u-Advocate Louis Barnard, uthe uMbuso wehlulekile ukulethela inkantolo ubufakazi obuqanda ikhanda obuyamanisa ummangalelwa namacala athweswe wona, lokho kumele kusebenzele ummangalelwa.
I-Toyota Hilux eyatholwa kuGcabashe ngamhla eboshwa yayikade ibikwe njengeyebiwe eHillcrest ngoFebhuwari, yatholwa ngoMashi nyakenye isishintshwe izinombolo.
Uyaphika ukuthi wayeba, uthi wayidayiselwa ngumzala wakhe angasayikhumbuli i-akhawunti yasebhange amthumelela kuyona imali athenga ngayo iveni
Unina kaMkhize, uNksz Gugulethu Ndlovu, uhlengezele izinyembezi, wathi ufuna ummangalelwa anikwe isigwebo esiqinile nakuba singeke sisayibuyisa indodana yakhe, obekuyona vo ingane anayo.
UNksz Ndlovu uchaze umufi njengomuntu obenothando, enakelela futhi ezitotosa izingane zakhe eziyizisithupha esezibheke yena.