SIKHULA ngamandla isikweletu sikahulumeni waseNingizimu Afrika, njengoba sesifinyelele kuR6.05 trillion sisuka kuR5,2 trillion. Lezi zindaba zidalulwe izolo nguNgqongqoshe weziMali uMnuz Enoch Godongwana.
Uveze ukuthi kulo nyaka izindleko zokukhokhela isikweletu sezwe zizofinyelela kuR388.9 billion. Lokhu kusho ukuthi uma uhulumeni enoR1 usebenzisa u-22 cents ukukhokhela isikweletu.
Ubuye waveza ukuthi bazoqhubeka nezinhlelo zokubopha izifociya ukuze kwehliswe isikweletu sikahulumeni. Wathi kulo nyaka balindele ukuthi umnotho ukhule ngo-1.1% okusho ukuthi ngeke ukhule kahle njengoba babethe uzokhula ngo-1.3% ngoFebhuwari.
Intela ezoqoqwa nonyaka uGodongwana uveze ukuthi izokwehla ngoR22.3 billion emalini ababelindele ukuthi ingene ngesikhathi bethula isabelomali sangoFebhuwari.
Ubalule ukuthi bazoqhubeka nezinhlelo zokuthuthukisa ingqalasizinda ezizodala amathuba omsebenzi ngoba kuyimanje kunezinhlelo ze-Operation Vulindela ezihamba kahle.
Kuzona kukhona oluletha ugesi owu-22 500 MW, ukwehliswa kwedata ewu-1GB ngo-50%, ukwehliswa kwesikhathi sokuthola ilayisensi yokusebenzisa amanzi kusuka esikhathini esiwunyaka siya ezinsukwini eziwu-90 nokutholakala kwama-e-visa emazweni awu–34.
Uthe isigaba sesibili se-Operation Vulindlela sizoqinisekisa ukuthi kunogesi owanele ezweni, ophehlwa ngezindlela ezihlukene.
Ubalule ukuthi kuzochitshiyelwa nemithetho yokusebenzisana phakathi kukahulumeni nezinkampani ezizimele. Uhulumeni uzoqinisekisa ukuthi imithetho yokusebenza naye iyagazethwa ngonyaka ozayo ngoba uzosebenzisa uR1.5 trillion kule minyaka emithathu ezayo.
Uthe kuzovuselelwa ingqalasizinda yamanzi eThekwini, kwakhiwe izindawo zokuhlala abafundi ezikhungweni zemfundo eziphakeme eziyisithupha, kuzolungiswa umzila wesitimela kusukela eWatloo kuya eGqeberha, kulungiswe ingqalasizinda yechweba laseCape Town, kwakhiwe nezibhedlela ezimbili eLimpopo.
UGodongwana ubalule ukuthi uhulumeni uzoqinisekisa ukuthi yonke into isiyenziwa ngokobuchwepheshe besimanje njengomazisi, ukufaka izicelo zomsebenzi, ezezibonelelo zikahulumeni namakhadi asezibhedlela. Lokhu kuzosiza uma sekusebenza uhlelo lweNational Health Insurance.
Ucele omasipala neminyango kahulumeni ukuba ukhokhele omasipala ngezinsiza ozithola kubo ukuze nabo bakwazi ukukhokhela i-Eskom nezinhlangano zamanzi imali yazo.
UGodongwana uthe babakhathalele abantu bakuleli njengoba beqhubeka nokukhokha isibonelelo sabangasebenzi, benemali ebhekelele izinhlekelelele nezibonelelo zokuvuselela ingqalasizinda yezikole.