KUQALWA namhlanje ukuphakanyiswa kwamagama umphakathi ofuna bancintisane ekuvaleni isikhala somvikeli womphakathi kuleli njengoba inkontileka ka-Advocate Busisiwe Mkhwebane, iphela ngo-Okthoba, nonyaka.
Usihlalo wekomiti lasePhalamende elibhekene nomsebenzi wokuqoka umvikeli womphakathi olandelayo, uMnuz Cyril Xaba, uthe kudingeka kuphele u-Agasti, sebewuphothulile lo msebenzi.
Uthe bathole umbiko ngohlelo okumele balulandele uma sebenza lo msebenzi.
“Sizokhipha isimemezelo sokuthi umphakathi uqale uphakamise amagama abantu obafuna ukuthi babange lesi sikhudla. Umphakathi sizowunika kusuka ngoJuni 12 kuya kuJulayi 7, ukuthi wenze iziphakamiso zamagama.”
Uthe bazobe sebethola nama-CV alabo abafuna ukuqokelwa kulesi sikhundla.
“Ama-CV azoshicilelwa kwisizindalwazi sasePhalamende ukuze kuphawulwe ngawo. Esontweni lokugcina likaJulayi, sizobe sesihlunga labo esizobahloma imibuzo. Sizobe sesibafaka imibuzo kusuka ngo-Agasti 21 kuya ku-Agasti 25.”
Uthe beyikomiti banqume ukuthi bazoxhumana neState Security Agency namaphoyisa akuleli ukuthi kwakhiwe ithimba elizohlola kabanzi labo abazobe befakwa imibuzo.
Uqhube wathi abakazi ukuthi bangakanani abantu abazophakanyiswa.
Kwenzeka lokhu nje, uMvikeli woMphakathi osamisiwe u-Advocate Busisiwe Mkhwebane, kuphele unyaka ngoLwesihlanu, amiswa nguMengameli Cyril Ramaphosa.
Wamiswa emva kwesigcawu sasePhalamende sokubheka ukuthi ngabe ukulungele ukuba sehhovisi kodwa u-Advocate Mkhwebane wakhala ngokuthi wamiswa emva kokuba eseveze ukuthi uzimisele ukuphenya eyokutholakala kwemali eyayifihlwe epulazini likaRamaphosa iPhala Phala eLimpopo.
U-Advocate Mkhwebane ufuna usihlalo wekomiti elimphenyayo ePhalamende, uMnuz Qubudile Dyantyi, ukuthi ahoxe njengoba emsolwa ngokuthi ungomunye wabantu abafuna ukugwazelwa ukuze achithe lolu phenyo.