UMENGAMELI wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa uthe njengoba abantu bebhuqwa yindlala futhi nezinga lokungasebenzi liphezulu, bayaqhubeka nokubheka izindlela zokuqinisekisa ukuthi bayabaseka labo abadonsa kanzima.
Uthe yingakho isibonelelo sabangatohozi besilule kuze kube uMashi wonyaka ozayo, athemba ukuthi bazobe sebezitholile ezinye izindlela zokuqinisekisa ukuthi abathembele kuhulumeni, bayaqhubeka nokuthola usizo olufanele.
“Ziningi izinto eziphakanyiswayo, enye ngukuthi kugcine kunesibonelelo sangunaphakade sabangasebenzi.
“Ngenye yezinto esiyibhekayo le njengoba silule isikhathi kuze kube unyaka ozayo kulabo abahola oR350 ngenyanga,” kusho uRamaphosa.
Ukusho lokhu ephendula imibuzo emkhandlwini wezifundazwe izolo ePhalamende.
Uthe bakhona abakhala ngokuthi inkulu imali uhulumeni ayikhiphela ukweseka abantu ngezibonelelo.
Uqhube wathi ngeke bayeke ukusiza abantu ngoba bayahluleka futhi badonsa kanzima.
Odabeni oluthinta ukucinywa kukagesi okuphazamisa izinhlelo nabantu, uthe yingakho baqoka uNgqongqoshe obhekele ugesi, ukuze kuxazululwe le nkinga.
Uthe uNgqongqoshe omusha umatasa nomsebenzi wakhe njengoba ehambela iziteshi ezahlukene zase-Eskom.
“Sasishilo ngesikhathi simqoka ukuthi umsebenzi wakhe ukugxila ekulungiseni inkinga kagesi. Le nkinga iphazamisa uwonke wonke, ngakho silindele ukuthi maduzane izophela le nkinga.”
Uthe izibhedlela ezibalelwa ku-77, azisathinteki uma kucinywa ugesi.
Uqhubeke ngokuthi: “Kunezinye ezibalelwa ku-40 ezingase ziphinde zifakwe ngaphansi kwalolu hlelo lokuthi nazo zingathinteki uma kucinywa ugesi, Izikhungo zezempilo eziningi zinama-generator asizayo uma kucinywa ugesi.”
Mayelana nokujuba ezikhundleni zikahulumeni abantu abasuke bengamalungu amaqembu athile, uthe lokhu akunankinga uma umuntu enamava nesipiliyoni kanjalo neziqu zalowo msebenzi.
Ubuye wabeka kanje: “Amanye amaqembu okubalwa ne-DA ayabajuba abantu bawo ezikhundleni. Akukho okubi kulokhu uma umuntu enamava futhi ewulungele lowo msebenzi, akungafakwa umuntu ongazi lutho ngoba kuthiwa yingoba weseka iqembu elithile.”
Odabeni oluthinta ukutholakala kwama-dollar eshuthekwe efenisheni epulazini lakhe iPhala Phala, uthe le mali wayithola ngokudayisa izilwane.
“Njengoba ngifuyile nje, le mali ayitholakalanga ngezindlela ezimnyama kodwa yatholakala ngokudayisa izilwane. Kunezinhlaka eziphenyayo ngalolu daba, akulindwe zona zize ziphothule uphenyo engihambisanayo nalo,” kuphetha uRamaphosa.