UNGQONGQOSHE wezeNhlalakahle nokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Lindiwe Zulu, uthe kudingeka kutholakale ukuthi izothathwaphi imali yokubaholela isibonelelo unomphela abangasebenzi njengoba sekucacile ukuthi siyadingeka.
UNkk Zulu obephendula imibuzo ePhalamende izolo, uthe bayakweseka ukululwa kokuholwa kwalesi sabelo esinguR350 kwabangasebenzi wathi bayazi ukuthi abantu bayasidinga kakhulu.
Uthe sebedlulile esigabeni sokuzibuza ukuthi abantu bayasidinga unomphela okusele manje wukuthola ukuthi imali yokusiholela unomphela izoqhamuka kuphi.
“Sonke siyavuma ukuthi lesi sabelo sibalulekile. Okusele manje ngukuthi kumele kubhekwe ukuthi uma le mali iholwa unomphela, izothathwa kuphi nokuthi izoholwa kanjani kodwa okubakulekile ngukuthi kumele sibe khona unomphela.”
Usho lokhu nje, amanye amalungu ePhalamende aphakamise ukuthi kumele inyuke le mali ifinyelele kuR800 ngenyanga. Akhale ngokuthi akumele abantu baphinde baphucwe le mali ngoba bayayidinga.
UNkk Zulu uthe kubalulekile ukuthi balwenze ucwaningo ngaphambi kokuba baholele abantu lesi sibonelelo.
“Sisephezulu isibalo sabantu abafaka izicelo zokuhola isibonelelo. Asikwazi ukungahloli ukuthi abantu kufanele yini basihole lesi sibonelelo yingakho sisebenzisa izindlela zokubahlunga abazohola.”
Uthe baningi abantu abachithwe wuhlelo lokuhlunga bangakwazi ukuhola.“Akukwazi ukuthi singaba nabantu okungafanele bahole le mali kodwa uthole ukuthi sebeyayihola. “Yingakho sinalezi zinhlelo zokubahlunga ukuze imali ingaholwa ngabangafanele.”
Khonamanjalo, iPhini likaNgqongqoshe wezeMfundo, uDkt Reginah Mhaule, likhale ngokuthi akumele osomabhizinisi abaphakela abafundi ezikoleni kuphele izinyanga bengaholile.
UDkt Mhaule uthe kumele bakhokhelwe zingakapheli izinsuku ezingu-30 ukuze angawi amabhizinisi abo.
“Kumele basibikele labo okuphela izinyanga bengaholile ngoba lokhu kufana nokuthi siwisa amabhizinisi abo.
“Umuntu uma enze umsebenzi kumele akhokhelwe ngokushesha. Bakhona abanye abasibikelayo ngokuthi kabakhokhelwa ngesikhathi bese kulungiswa.”