UKHUZA ibuya umcimbi wezinsuku ezimbili wokuvulwa kwesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, esizovulwa yiSilo uMisuzulu kaZwelithini bese kulandela inkulumo kaNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube ayibhekise esizweni.
ISilo sizokwethula inkulumo yaso yokuqala ngoLwesine yokuvula isiShayamthetho emuva kokugcotshwa nyakenye.
Inkulumo isenkundleni yekhilikithi i-Oval eMgungundlovu, bese kuthi ngoLwesihlanu uNkk Dube-Ncube, athule inkulumo yakhe yokuqala njengondunankulu wokuqala wesifazane oqokwe nyakenye.
USomlomo wesiShayamthetho uNksz Nontembeko Boyce, ekhuluma nabezindaba izolo eThekwini ngezinhlelo zomcimbi, uthe yonke into isimi ngomumo njengoba kuzokwenzeka okwejwayelekile uma uba khona izinsuku ezimbili.
Kubekwe u-R3.7 million, ngalezi zinsuku zombili zokuvulwa kwesiShayamthetho.
Uthe nyakenye awubanga yizinsuku ezimbili ngoba kwakumele kuphothulwe izinto zomthetho ezazithinta ukubekwa kweSilo yingakho singazange sikhulume.
“Siyajabula ngoba iSilo sagcotshwa nyakenye ngakho sizovula isiShayamthetho ngokusemthethweni bese ngakusasa kuba yinkulumo kandunankulu ebhekiswe esizweni. Simeme izicukuthwane ezevile ku-1 200 ezizokwethamela umcimbi.”
Uthe eminyakeni u-2021 no-2022 bebengakwazi ukukhipha unyawo bameme kakhulu ngenxa yokuthi kwakukuhlasele ubhubhane lwegciwane iCovid-19.
“Sizokwelulekwa yiSilo ngezinto ezithinta ukuthuthukisa izwe, ezithinta impilo jikelele, ezomnotho nezithinta amasiko. Izicukuthwane ezizohambela umcimbi zizobe zivela emikhakheni ehlukene.”
Mayelana nemali ebekelwe lezi zinsuku zombili unobhala wesiShayamthetho uNkk Nerusha Naidoo, uthe babeke uR3.7 million.
“Sizozama ukonga imali yabakhokhi bentela singayisebenzisi yonke kodwa sibeke u-R3.7 million wokuvulwa kwesiShayamthetho.”
UNksz Boyce uthe ezokuphepha zizobe ziqinisiwe ngalesi sikhathi.
“Akukho mibiko esiyitholile yokuthi kukhona okubi okungase kwenzeke kulo mcimbi. Uma siwulungiselela siba nazo zonke izinhlaka okubalwa iminyango ehlukene, abezokuphepha nezinye izinhlaka,” kusho uNksz Boyce.
Uthe balindele ukuthi uNkk Dube-Ncube agxile ezintweni ezithinta izikhukhula zakamuva ezikhahlameze abaningi esifundazweni, ukubheka ukuthi izinto ezazithenjiswe nguhulumeni ukuthi zenzekile, nokunye.
“Ikhona neminye imicimbi ezobakhona emuva kokuvulwa kwesiShayamthetho njengesabelo sezimali sesifundazwe kanjalo neseminyango kahulumeni. Zizoqhubeka nezinye izinhlelo zokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane, izingane nabaphila nokukhubazeka, iPhalamende lentsha, elabadala nelabasebenzi kanjalo nabakhubazekile nezinye izinhlelo ezenziwa yisiShayamthetho.”