KUBATSHAZWA unya nesihluku enganeni (7) okuthiwa igwilizise enye (4) yaze yashona emfuleni e-Extension 3 eChesterville.
Esigamekweni esenzeke ngoLwesibili, kushone uLeeto Mabizela (4) obefunda uGrade R esikoleni, i-HP Ngwenya Primary.
Uyise, uMnuz Xolani Mabizela, echazela Isolezwe ngesigameko izolo emva kwenkonzo yomngcwabo kaLeeto, uthe ezwe ngesigameko sekuphele cishe amahora amathathu senzekile.
Uthe basizwe ngenye ingane yendawo exoxelwe ngenye ebikhona ngesikhathi kwenzeka isigameko.
Uveze ukuthi emva kokubayengela emfuleni, umsolwa ufike wayalela umufi yedwa ukuthi akakhumule izingubo abezigqokile.
“Kuthiwa uthe esekhumulile, wamphushela endaweni eshonayo emanzini, maqede wagwiliza ngesikhathi bebukela abanye. Kuthiwa uthe esenqashanqasha, bathi laba abanye, akugijinywe kuyotshelwa umama wakhe. Kuthiwa wathi abangakwenzi lokho ngoba uzobagwaza abaphose kulo mfula nabo,” kuchaza uMabizela.
Uthe ngobungane nangokwesaba, zithulile izingane, kwabuyelwa emakhaya, okuyilapho eyodwa yazo igcine ixoxela enye ukuthi kwenzekeni emfuleni, maqede yahlaba umkhosi.
Uveze ukuthi unina kaLeeto obekhona ekhaya, uphuthume khona emfuleni, ekhashwa womunye wesilisa wangakhona.
“Bafike bakhanyisa ngamafoni, nebala bayibona ingane yami intanta emanzini, wayikhipha unina,” kuchaza uMabizela.
Uthi naye yize ebesendleleni nomngani wakhe obemcele ukuthi amkhaphe baye endaweni ethize, uvele wajika emva kokuthola ucingo obelumazisa ngesigameko.
Nakuba ekuqonda ukuthi umuntu owenze umonakalo usemncane, ngeke aboshwe kodwa uthe kubalimazile ukuziphatha komndeni kamsolwa.
Ubuye waveza nokuthi umenzi wobubi uyingane edume ngokuganga vele, kangangoba bebeye bamkhuze uLeeto ukuthi angazijwayezi ukudlala naye kodwa kusho khona ukuthi uyingane.
“Ugogo wengane nonina wayo, okuyibo abahlala nayo, abakaze bavele lapha ekhaya. Umuntu ozile ngubaba wakhona ongahlali nokuhlala la. Wuye ovelile, waba nathi kwaze kwaba yinamuhla (esho izolo ngosuku lomngcwabo),” kusho yena.
Uthe ngesikhathi ephuma eyodlala uLeeto emva kokubuya esikoleni, ubeyingane nje eyodlala njengenjwayelo, bengazitsheli ukuthi angaya emfuleni ngoba akaze waya khona.
Ubuye waveza nokuthi okunye okubaphula izinhliziyo wukuthi umndeni kamsolwa uyabagigiyela uma bedlula ngakhona, uhleke uze umphikele nomsolwa ukuthi wenze isigameko.
“Okubuhlungu wukuthi sithenga esitolo esisodwa. Siyabonana ekubeni bengakhombisi ukuzwelana nathi. Impilo kubona iyaqhubeka kumnandi, bayahleka kodwa thina sishonelwe yingane,” kusho uMabizela.
Uthe kuzoba nzima nokuthi kusheshe kudlule isigameko njengoba ezoqhubeka abone ingane ‘ebulele’ eyakhe idlala, kumnandi kodwa eyakhe eyingcwabile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aseCato Manor aphenya idokodo lokufa komuntu kulandela isigameko sokugwiliza somfana (4) ngoJanuwari 30.
Uthe imbangela yesigameko isaphenywa.