USHAQEKILE umndeni womdidiyeli wezinsizwa odutshulwe elele kubo eNkomeqhubu, eTafelkop, eNgonyameni ngoLwesine kusihlwa.
USHAQEKILE umndeni womdidiyeli wezinsizwa odutshulwe elele kubo eNkomeqhubu, eTafelkop, eNgonyameni ngoLwesine kusihlwa.
UMnuz Lunga Message Mthembu (39) okuthiwa ubenogazi kubantu abaningi bakule ndawo, kuthiwa kushiye imibuzo ukusocongwa kwakhe.
Kuvela ukuthi ubelele kubo endlini yakhe engaphandle ngesikhathi ehlaselwa ngamadoda afike angabuza lutho, amdubule elele embhedeni.
Amadoda kuthiwa abehamba ngezinyawo njengoba aphume abaleka ngemuva kokumbulala.
Udadewabo kamufi, uNksz Hlengiwe Mthembu ubabaze isihluku esikhonjiswe kubulawa umfowabo.
Uthe bezwe ngesibhamu nje siqhuma endlini kabhuti wabo. Ngesikhathi sesigameko uthi bekukhona yena nomkamufi, kodwa besendlini enkulu.
"Ngemuva kokuba sekuqhume isibhamu siphuthumile saya endlini yakhe. Simfice esethule igazi ligcwele umbhede. Yaze yabuhlungu nansi into eyenziwe ngabantu kumfowethu,'' usho kanje sakubalisa.
Uthe kuduma amakhanda kubona ngoba bebazi umfowabo eyigeza lensizwa enogazi, nezinsizwa eziningi zasendaweni zimkhonzile.
"Uma kunengoma endaweni uyena njalo obehlezi ephambili eyivumisa. Ubengakaze asitshele ukuthi kunezitha ezimfunayo,'' usho kanje.
Uveze ukuthi lesi simo siyihlukumezile kakhulu ingoduso kamfowabo, uNksz Fikelephi Dlamini.
ISolezwe Ngempelasonto lithunyelelwe ama-video lapho khona umufi ebonakala khona ebhikla ingoma, kukhala amakhwela, kuqhuma nemikikizo, izinsizwa ziyivuma.
Kuvela ukuthi izinsizwa zendawo ziyathuthumela ngendlela okusocongwe ngayo umufi.
Elinye ilungu lomphakathi libabaze ukulunga kukamufi nokuba nogazi kwakhe emphakathini.
Lilimise ngesihloko elokuthi abazi ukuthi yini le engaka ebingaze idale ukuthi insizwa ethandwa kangaka emphakathini isocongwe ngalolu hlobo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo usiqinisekisile lesi sigameko.
Uthe amaphoyisa aKwaNdengezi amatasa afuna umkhondo wabantu okungenzeka ukuba bayathinteka ekusocongweni kukamufi.
"Kusolakala ukuthi umufi ubekade esekhaya ngesikhathi ehlaselwa ngabantu abangaziwa. Kuthiwa bafike bamdubula bambulala,'' usho kanje.