KUBATSHAZWA ubulwane kowesilisa nendodana baseMwolokohlo, eNdwedwe, kulandela ukutholakala kwesidumbu sesihlobo sesonakele ethoyilethi lomgodi emzini wabo.
Umufi, uMnuz Nkosinathi Vilakazi (25) obedukile, wagcinwa umndeni wakhe ngoJulayi 21, eya esitolo.
Kutholwa isidumbu sikamufi emva kwenyanga aduka nje, kuvela ukuthi ukhona umoya obuvunguza wokuthi umuntu owagcina ukubonwa elandela umufi, yindodana yakulo muzi atholwe kuwo.
Kuvela ukuthi amalungu omphakathi adlulisela lolu lwazi emaphoyiseni emva komhlangano womphakathi.
Kulo mhlangano okuthiwa kwakukhona amalungu omphakathi, ubuholi bendawo namaphoyisa, kwakudingidwa izigameko zokubulawa kwabantu endaweni okuthiwa zidlangile.
Owomndeni, uMnuz Mzikayifani Vilakazi, uthe kubahlukumeze kakhulu emoyeni okwenziwe ngabasolwa njengoba bebebathatha njengezihlobo.
“Kulo muzi sikhulele khona, kwagana umalumekazi wethu. Ayikho into esiphathe kabuhlungu njengokuthola ukuthi ingane yethu ibulawe khona,” kusho uVilakazi.
Nokho ubonge ukusebenzisana phakathi kwamalungu omphakathi, amaphoyisa nobuholi bendawo ekutheni kugcine kutholwe ithambo likamufi.
Uthe bazoshiya konke ezandleni zamaphoyisa ukuthi enze umsebenzi wawo.
Endaweni yesigameko izinhlaka zamaphoyisa ziqale zasusa amatshe kasimende njengoba kuvele ukuthi abasolwa basiphosa emgodini wethoyilethi elidala elingasasebenzi isidumbu.
Kuthiwa baphinde badiliza udonga lwalo, bezama ukuthi kunganakeki.
Nokho kuthangi, ngesikhathi umndeni uya khona, emva kokuthi oyedwa wabasolwa eculile, ufice kubhuza izimpukane, kunephunga elingabekezeleleki.
Kuvele nokuthi abantu ebebedlula njengoba indawo yesigameko iseduze nomgwaqo oya emtholampilo wendawo, bebebona abasolwa bediliza ithoyilethi, bebeka amatshe kasemende, benganaki bezitshela ukuthi bazilungisela umuzi wabo.
Ngesikhathi imoto yamaphoyisa isihamba nabasolwa emva kokukhomba indawo yesigameko, umphakathi ushiye ongalazi, udinwa abakwenzile.
Ikhansela lendawo, uMnuz Mdu Cele, lithe isigameko siwethuse kakhulu umphakathi, wathi senzeka nje, vele abantu banovalo lokuhamba nasemgwaqweni ngenxa yokukwanda kwezigameko zokubulawa nokugetshengwa kwabantu.
“Njengoba sebeboshiwe, sikhuthaza amalungu omphakathi ukuthi angathuli nokuwehlele kodwa akhulume,” kusho uCele.
Okhulumela amaphoyisa eKZN uColonel Robert Netshuinda uqinisekisile ukuthi kuboshwe ubaba oneminyaka engu-48 nendodana eneminyaka engu-25 emuva kokumbiwa kwesidumbu emgodini wethoyilethi kule ndawo.
Uthe abasolwa bazovela enkantolo yeMantshi eNdwedwe ngoMsombuluko. Uthe umsolwa oneminyaka engu-25 uqale waboshelwa icala lesibhamu esingekho emthethweni. Kuthe uma kwenziwa uphenyo kwatholakala ukuthi ungumuntu wokugcina ukubona umufi obembiwa. Laba basolwa uveze ukuthi bathinteka kwamanye amacala amabili okubulala, elenzeke ngoMeyi nonyaka lapho unogada wabulawa kwatholwa isidumbu sakhe silahlwe emgwaqweni siboshwe ngentambo. Esinye isigameko esangoJanuwari 2021, lapho kwabulawa khona indoda eyatholwa igwaziwe isidumbu sayo salahlwa emgwaqweni ebangani elingelide ukusuka emzini wabasolwa.
UNetshuinda uthe kusaqhubeka uphenyo ngokuthinteka kwabasolwa esigamekweni sokubulawa kwabasolwa ecaleni lokubulawa kowesifazane okhulelwe eMlaza.