ABAWUVALI umlomo abantu baseMonnahalatwe, eBloemfontein, ngesenzo sowesilisa wakule ndawo okuthiwa ubulale ngesihluku umakhelwane wakhe.
Umsolwa oneminyaka engu-32 uboshwe amaphoyisa aseBloemspruit ngacala lokubulala, ukuzama ukubulala nokushisa, nokungamacala enzeke ngoMgqibelo ekuseni.
Amaphoyisa ashayelwe ucingo ngamalungu omphakathi ngezithuba zika-3.40 ekuseni, ebika ngalesi sigameko.
Efika endaweni yesigameko, amaphoyisa athole umuntu wesilisa oneminyaka engu-27 edindilizile buqamama nomjondolo oshile.
“Ubenamanxeba ekhanda. Kubizwe abezimo eziphuthumayo nokuyibona abaqinisekise ukuthi useshonile,” kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Ngokwemibiko evela endaweni yesigameko, kuthiwa umsolwa ufike emjondolo kamufi wamhlasela yena nentombi yakhe abebelele ngaleso sikhathi. Bobabili abagilwa bazamile ukubaleka kodwa owesilisa wawa ewela lapho aficwe khona ngamaphoyisa.
Intombi kamufi iphuthunyiswe esibhedlela lapho efike yathola khona ukwelashwa.
“Kuthiwa umsolwa akagcinanga ngokuhlasela laba bobabili kodwa uthathe upharafini wavuvuzela umjondolo wonke anduba awushise,” kuqhubeka isitatimende.
Imbangela yalokhu kayaziwa, kanti umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi eBloemfontein, ngoMsombuluko (ngoJuni 19, 2023).