UBEHLULEKA nokuzibamba ezwakala enomunyu uyise wowesifazane okuthiwa ugwazwe wafa wumsolwa onguyise wengane yakhe amanxeba angu-14 ngoba enqaba ukumvakashela.
Isigameko okubulawe kuso uNksz Ntombikayise “Nomquh” Mzize (25) senzeke ngoMgqibelo eSigedleni, ePort Shepstone. Okumphatha kabuhlungu kakhulu uyise kamufi yindelelo ekhonjiswe nguyise wengane yendodakazi yakhe okuthiwa umgwaze wafa emagcekeni omuzi wakhe naye ekhona ekwenye indlu.
Uyise kamufi, uMnuz Mlungisi Mthembu, uthe isigameko senzeke elele. Uveze ukuthi indlu abelele kuyo iqhelelene naleyo obekulele kuyo umufi nodadewabo (18).
Echaza ngesihluku indodakazi yakhe ebulawe ngaso, uthe: “Bekuyisentathakusa ngesikhathi ngizwa kukhala kabi umnyango, ngavuka ngaphumela phandle ngifuna ukubona ukuthi kwenzekani. Ngihlangabezane nendodakazi yami eneminyaka engu-18 iza endlini ebengilele kuyo, izosho ukuthi angize masinyane ngoba udadewabo ushaywa nguyise wengane yakhe.”
Uthe uphuthume khona wafike wathuka uma esebona indodakazi yakhe ilele ethantaleni legazi.
Uthe uqaphelile ukuthi umsolwa ubeyigwazele kude nomnyango, indodakazi yakhe yazama ukubalekela ngasemnyango kodwa yawa ingakafiki kuwo.
“Usho amagama ambalwa, esho ukuthi uyise wengane yakhe omgwazile ngaphambi kokuthi aphelelwe umoya,” kusho uMthembu.
Uthe uzamile ukumnyakazisa kodwa ubengasakhulumi.
Uthe uzame ukufuna usizo lwamaphoyisa ne-ambulensi kodwa baze bafika ngabo-7 ekuseni, isigameko sibe senzeke ngabo-3 khona ekuseni.
“Ngesikhathi abafike ngaso, baqinisekise ukuthi usethule, emva kokuthi bethe ukumthintathinta kancane,” kusho uMthembu.
Kuthe uma echaza udadewabo omncane kamufi, wathi umsolwa ubefuna ukuthi amvakashele ngenkani.
“Uthe umtshelile ukuthi ngeke akwazi ukuhamba naye ngoba akekho unina kukhona uhambo olumthathile, ngakho kuyafana nokuthi akukho muntu ekhaya njengoba unina engekho. Uthe babange lokho njengoba embulele nje,” kusho uMthembu.
Uthe isigameko sibaphathe kabi ngoba bengabantu abadala bese beyikhuze kaningi indodakazi yabo ngoyise wengane okuthiwa ubeyihlukumeza.
“Lo mfana ubeyihlukumeza ingane yami, ehlala eyishaya. Besiye sizame sinonina ukuyibonisa ukuthi lo muntu akalungile kodwa kube nhlanga zimuka nomoya ngoba izingane zethu zibuye zibe nenkinga yokuvaleka amehlo uma zisothandweni,” kusho yena.
Uphinde wakhala ngokuthi umsolwa ubengawuhloniphi nhlobo umuzi wakhe, aze angamhloniphi naye uqobo.
“Isibindi sokuthi azobulala ingane yami egcekeni ngikhona. Zikhona ezinye izigameko lapho abeke ayishaye khona kube yikho ukuthi uma siyibonisa ingane, ingabuboni yona ubungozi,” kusho uMthembu.
Uthe umsolwa wenze lesi sigameko nje, ubesanda kuthumela indodakazi yakhe ukuthi akeze kuye bakhulume ukuze achaze ukuthi uyihlukumezelani indodakazi yakhe.
Uveze ukuthi isigameko senzeke kukhona nengane yabo eneminyaka eyisikhombisa.
Uthe umsolwa osagcwele amathafa kuthiwa uyabonakala efika ngokucasha kubo, khona endaweni kodwa akakaboshwa.
“Sifuna kwenzeke ubulungiswa aboshwe,” kusho yena.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphawuli ngalesi sigameko.