BABABAZA isihluku kowesilisa waseJoni, eDududu, ngaseMzinto, okuthiwa ubhokode ngommese unina wezingane zakhe ezimbili phambi kwazo, wambulala ngoLwesihlanu.
Kuthiwa umufi, uNksz Nolifa Nolwazi Mzobe, ushonele khona lapho emva kokugwazwa kaningi ngumsolwa.
Ngokusho kukanilume kamufi, uMnuz Thandokwakhe Khanyile, bacabanga ukuthi umsolwa umbulale ngenxa yokuthi ubesemalile.
Uthe ngesikhathi eqala ukuzwa ngokuhlukana kwabo, wezwa ngandlebenye ukuthi umsolwa ubeseqonyiwe.
“Lokhu kube wulwazi esigcine singakwazanga ukuluqinisekisa ngoba umufi akafunanga ukuphumela obala ukuthi ngabe ngukuqonywa kukamsolwa yini okuholele ekutheni athathe isinqumo sokumala,” kubeka uKhanyile.
Uveze ukuthi wake wazama ukumbuza kodwa waphika.
“Angibange ngisafuna ukuqhubeka nokumqhwanda ngemibuzo ngoba ngiyafana nobaba kuye, kulukhuni ukuqhwanda izindaba zobudlelwane bezothando zezingane,” kusho uKhanyile.
Uveze nokuthi umsolwa ukhombise izenzo zodlame ezinsukwini ezimbalwa ezedlule ngaphambi kokubulala uNksz Mzobe.
“Uke wazama ukumklinya ngentambo yesicathulo, ekwenza phambi kwazo izingane, kwaze kwasiza le eneminyaka eyishumi. Esigamekweni sesibili uzame ukumshisa nendlu, nalapho waphunyula umufi,” kusho uKhanyile.
Ukhale ngobudedengu esandleni samaphoyisa. Uthe emva kwesigameko sokumklinya, uNksz Mzobe uvule icala, afika amaphoyisa ambopha umsolwa.
“Uke wayohlala endaweni ephephile umufi ngaleso sikhathi, ezibona engaphephile. Kuthe uma ezwa ukuthi umsolwa useboshiwe, wabuya. Sithuke soma sesizwa ukuthi amaphoyisa abuye amdedela kanti uzophinde abuye azokwenza lo muga,” kusho uKhanyile.
Echaza ngokwenzeke ngosuku lwesigameko, uthi amanye amalungu omndeni ahlala eduze nalapho obekulala khona uNksz Mzobe, amuzwe ekhala.
“Aphuthume khona kwasho ukuthi abengahlome ngalutho kodwa akwazi ukumbona umsolwa ngaphakathi emgwaza ephindelela umufi, phambi kwezingane zakhe,” usho kanje.
Uthe azama amalungu omndeni ukuthi aphule isicabha kodwa umsolwa waphuma eyinhlamvu, ebaqhelisa ngawo ummese abesegwaze ngawo uNksz Mzobe.
Uphinde waveza nokuthi ngesikhathi eboshwa kubo umsolwa, ubegiya ngommese onegazi, esho ukuthi usembulele uNksz Mzobe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa abophe owesilisa osolwa ngokugwaza owesifazane oneminyaka engu-28 eDududu.
“Kuvela ukuthi lona wesilisa uphule umbandela wencwadi emvimbela ukuthi asondele eduze kukamufi. Kuthiwa umvalele ekamelweni lakhe, wamgwaza kaningi ngaphambi kokuthi izihlobo zakhe zihlephule umnyango,” kusho uCol Netshiunda.
Uthe umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yakwaSawoti.