BAHLEZI ngesinqa esisodwa abasebenzi bomasipala abanezikhundla kwipolitiki njengoba kukhona omasipala asebenqumele ugwayi katiki lezi zisebenzi bathi azikhethe okukodwa phakathi kwemisebenzi yazo nezikhundla kwipolitiki.
Omasipala bakhethisa izisebenzi zabo okukodwa nje, kulo nyaka umengameli uMnuz Cyril Ramaphosa, usayine umthetho ovimba abanezikhundla kwipolitiki ukuba baqashwe komasipala.
Inyunyana yezisebenzi zakwamasipala, iSamwu, ithe kukhona omasipala asebeqalile ukuba bathumele izisebenzi, bethi azikhethe okukodwa.
Lokhu kwenzeka yize kunecala elisenkantolo lapho iSamwu iwuphonsela inselelo lo mthetho.
Isicelo esiphuthumayo esifakwe iSamwu salalelwa eNkantolo yezaBasebenzi ngasekuqaleni kwale nyanga, isinqumo besingakaphumi.
ISamwu ikhala ngokuthi lo mthetho uphambene nengxenye yoMthethosisekelo wakuleli enikeza abantu ilungelo lokuzibandakanya namaqembu ezepolitiki.
Kuleli cala iSamwu imangalele umnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, nenhlangano yohulumeni basekhaya, iSA Local Government Association (Salga).
Unobhala jikelele weSamwu, uMnuz Dumisane Magagula, uthe kuyabakhathaza ukuthi kube khona omasipala abasabisa ngokuxosha abasebenzi abanezikhundla kwipolitiki ekubeni isinqumo senkantolo singakaphumi ecaleni abalifakile.
“Kunenqwaba yomasipala esinikeze abasebenzi bomasipala izincwadi, basatshiswa ngokuthi bazoxoshwa uma bengashiyi kwipolitiki. Abukho ubulungiswa kule nto ngoba omasipala bazi kahle ukuthi isinqumo asikaphumi. Kuzokwenzekani uma icala siliwina?”
UMagagula uthe bazonikela enkantolo beyofuna isivimbelo sesikhashana esizonqanda ukuthi abasebenzi bangaxoshwa kuze kuba kuphuma isinqumo ecaleni abalifakile.
“Siyalela bonke abasebenzi abanezikhundla kwipolitiki ukuba bangashiyi kuze kuba kuphuma isinqumo senkantolo. Sicela ukuba bangazinaki izincwadi ezibasongelayo.”
ISamwu iphinde yabhala incwadi yabameli ebhekiswe kubo bonke omasipala, iyalela ukuba abasebenzi abanezikhundla kwipolitiki bangaxoshwa.
Kule ncwadi yabameli ebonwe yiSolezwe, abameli baxwayisa ngokuthi abazoxoshwa singakaphumi isinqumo senkantolo bazothatha izinyathelo zomthetho.
Okhulumela iSalga, uMnuz Sivuyile Mbambato akazange ayiphendule imibuzo ayithunyelelwe.
Kanjalo nokhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Tsekiso Machike, akazange ayiphendule imibuzo ayithunyelelwe.