ININGIZUMU Afrika ingase izithole isenkingeni yokuthi ingakwazi ukuphakela izakhamizi zayo ngegesi uma yehluleka ukuqhamuka namasu ezinyangeni ezine ezizayo.
Nyekenye iSasol, okuyiyona ekhiqiza igesi esatshalaliswa kuleli yamemezela ukuthi izoyeka ukukhiqiza igesi eyidayisela izinkampani ezinkulu ezihweba ngegesi neziyisebenzisela ukukhiqiza imikhiqizo ethile ngoJuni 2026, okuzodala ukuthi kushode igesi.
Imboni ebhekele ukukhiqizwa kwegesi kuleli, i-Industrial Gas Users SA (Igusa), ithi kumele amasu okuthi igesi izotholakala kanjani abe esekhona ezinyangeni ezine ezizayo, ukuze kungabi nesikhathi lapho igesi ingeke itholakale ngaso ezweni.
Uthe uhulumeni sekunesikhathi waziswa ngalokho kodwa awekho amasu akhona aziwa ngeGas Materplan, kukhona amasu angakaphasiswa yi-draft, okungaziwa ukuthi kuzophela izinyanga ezine esephasisiwe yini.
UMnuz Jaco Human we-Igusa, uthe sekuphele iminyaka eyisikhombisa kwabonakala ukuthi igesi izogcina iphelile ezweni. Kule minyaka bekulokhu kuzanywa amasu ahlukene ukuze kuqinisekiswe ukuthi ukukhiqizwa kwayo akupheli. Uthe kuze kube manje alikho isu eliqondile okungabanjelelwa kulo lokuthi uma iSasol iyeka ukukhiqiza igesi kuzokwenziwa njani.
"Igesi iyisimbiwaphansi esiphelayo. Sekuphele iminyaka ewu-20 imbiwa. Bekwaziwa ukuthi kuzofika isikhathi lapho iphela khona. Eminyakeni eminingi eyedlule besilokhu sikhula isibalo sabantu abasebenzisa igesi. Okunye kudalwe yizinkinga zikagesi ezikhona.
Okwamanje ayikabi khona inkinga kodwa ngo-2026 izoba khona inkinga. Uma sehluleka wukuqhamuka nesu elizosebenza uma iSasol isiyeke ukuyidayisa, sisenkingeni.
Igesi ibaluleke kakhulu. Ezinye izimboni zisebenzisa yona ukuze zikhiqize imikhiqizo efana nensimbi neminye ngoba ugesi ubuye ungabi khona. Uma kungasetshenziswa udizili nophethroli kungabiza kakhulu," kusho uHuman.
Uqhube wathi isifundazwe iGauteng, Mpumalanga neKwaZulu-Natal yizona ezizothinteka kakhulu uma iSasol isiyeka ukukhiqiza igesi.
Uthe uma kuphetha ngokuthi lingenziwa isu ngokushesha, igesi izogcina ithengwa phesheya, okuzokwenza ukuthi ibize kakhulu.