BASHINTSHELWE ejele laseWestville ababoshelwe ukubulala ikhansela le-ANC eMsunduzi, emva kokutholakala ukuthi baphezu kwetulo lokweqa ejele.
Isicelo sokuthi abasolwa ngokusocongwa uMnuz Mabhungu Mkhize basuswe ejele eliseMgungundlovu senziwe eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu ngesikhathi abasolwa bevele izolo.
UMbuso wenze isicelo sokuthi abasolwa abathathu, oMnuz Sithembiso Gqirashe (27), Minenhle Mkhulise (23) noLulekwa Ntombela (26), baye kogcinwa ejele eliseWestville.
Esicelweni esifakwe nguLietenant Colonel Fynn, wethimba lamaphoyisa eliphenya izigameko zokusocongwa kosopolitiki, uthe bathole ulwazi lokuthi abasolwa bapheka itulo lokweqa ejele.
Uthe ulwazi abalutholile lukhombisa ukuthi itulo balibopha nabanye abasolwa abasagcwele amathafa.
Inkantolo isivumile isicelo.
Abasolwa babhekene necala lokubulala uMkhize, osocongwe ngoLwesihlanu ngesikhathi ehlaselwa ngabalisa abavulele ngenhlamvu emotweni abehamba ngayo.
Baphinde babhekane necala lokuzama ukubulala uMnuz Muzikhona Dlongolo, obehamba noMkhize ngesikhathi sesigameko.
Amanye amacala abhekene nabasolwa kukhona awokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu ezingekho emthethweni.
Icala labo lihlehliselwe uMsombuluko, lapho bezofaka khona isicelo sebheyili.
UMkhize uzongcwatshwa ngeSonto, ekhaya lakhe eliseMbali eMgungundlovu.
Izinhlelo zomngcwabo ziqinisekiswe wuMasipala waseMsunduzi.
IMeya yalo Mkhandlu, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, ithe bashayeke engeqiwa ntwala ngokubulawa kukaMkhize.
“UMkhize ubeyilungu lekomiti elibhekele ukusebenza kwezimali zomkhandlu, okuyikomiti engingusihlalo walo. Ubezazi kakhulu izindaba ezithinta ohulumeni basekhaya, okwenze ukuthi sikwazi ukuxazulula izinkinga eziningi ebezibhekene nabantu baseWard 41.
“Abantu baseWard 41 bebenomholi othembekile. Ubengasabi neze ukubhekana nezinkinga. Simbonile izikhathi eziningi ehambela imiphakathi nosomabhizinisi, eyoxazulula izinkinga.”
Inhlangano yohulumeni basekhaya, iSA Local Government Association (Salga) KwaZulu-Natal, inxuse ukuba omasipala babhekele ngokushesha ngabaqaphi amakhansela asongelwa ngokubulawa.
USihlalo weSalga eKZN, uMnuz Thami Ntuli, uthe kubalulekile ukuthi amakhansela asongelwayo anikekwe abaqaphi ngokuphazima kweso.
“Ngesikhathi kusalindwe umbiko wamaphoyisa okhimbisa ukuthi impilo yekhansela isengcupheni, kufanele linikezwe abaqaphi. Kufanele kube nendlela yokuthi lungathathi isikhathi eside ucwaningo lwamaphoyisa olukhombisa ukuthi impilo yamakhansela isengozini
UNtuli uthe bakhathazekile ngokuqhubeka kwezigameko zokusocongwa kwamakhansela.