SEKUBE nokubambezeleka kwecala engabonwa nangokhalo enkantolo ummeli wamadoda amahlanu asolwa ngokushaya abulale ngesihluku u-Andile “Bobo” Mbuthu (16).
Ummeli, uMnuz Chris Gounden, kuze kwashaya izikhathi zamadina engekho eNkantolo yeMantshi yaseVerulam ngoLwesine.
Nommangalelwa wesine, uMnuz Lindani Ndlovu, akafikanga njengoba ebike ukugula, wathi uya kwadokotela.
Bekumele liqale ngo-10:30 ekuseni ukulalelwa icala ngokwesivumelwano sangoFebhuwari liguqa.
IMantshi Sanele Hlatshwayo ibe isiliguqisa okwesikhashana icala.
UHlatshwayo uthe akalindwe uGounden njengoba yena nomshushisi bezokwenza izethulo zokugcina.
Lezi zethulo ezokunxenxa uHlatshwayo ukuthi abalahle ngecala noma abakhiphe phambili abasolwa ecaleni.
Amalungu omndeni kaBobo nawebandla akhonza kulona abekhona enkantolo.
UMbuthu wayesolwa ngokweba utshwala endaweni yobumnandi, iMagagula Lounge, eHambanathi, oThongathi.
Le ndawo yangqongqiswa ngomlilo wumphakathi owawuveva yintukuthelo.
Ividyo eyayikhomnisa uBobo eshaywa, egxiza igazi yagcwala izinkundla zokuxhumana
Washaywa washona, isidumbu sakhe sagxishwa emphongolweni sabaselwa ngezinkuni. Izinsalela zaso zahlakazwa ngepiki zafakwa koplastiki ababoshwa bahlanganiswa nezitini balahlwa emfuleni.