UNGOTI wezomthetho uMnuz William Booth, uthe akamboni uDkt Nandipha Magudumana, eyiwina impi yakhe yokuzama ukuvezela ezomthetho ukuthi waboshwa ngendlela engafanele eTanzania.
UBooth ukusho lokhu izolo kulandela ukuthi uMagudumana efake isicelo ngabameli bakhe eNkantolo eNkulu yaseBloemfontein, sokuthi ilalele ukuthi waboshwa ngokungafanele eTanzania.
UBooth uthe uyaqonda ukuthi abameli bakhe bahambise amaphepha akhe enkantolo ngoLwesihlanu baphinde bawayisa nakwabeNPA.
“Inkinga isekutheni angikholwa ukuthi isicelo sakhe sizoba naso isisindo ngoba okokuqala wabanjwa ukuthi eseTanzania, ngokungemthetho. Umthetho uthi bekufanele athi uma esebanjiwe, abuyiselwe eNingizimu Afrika vele. Lokho kuchaza ukuthi ubezothi efika eNingizimu Afrika, abe eboshwa vele,” kuchaza uBooth.
Uqhube wathi lokhu kunomehluko ngoba njengoba ayengenalo ilungelo lokuthi abe kuleliya zwe kwayisekuqaleni, ngeke kufane noma usuke ukulelo zwe ngokusemthethweni. Ukube wayenelungelo lokuba kuleliya zwe, iNingizimu Afrika, yayizolibhalela icele ukuba abuyiswe.
“Manje yena uma ethi ukuboshwa kwakhe kwakungekho emthethweni mhlawumbe ufuna ukukhishwa, ukhuluma imbudane ngoba ngeke athi asho ukuthi ukuboshwa kwakhe kwakungekho emthethweni kwazise ubevele eseTanzania, ngokungemthetho,” kuchaza uBooth.
Uthe into obekumele ayenze uDkt Magudumana ukucela ibheyili. Waqhuba wathi mhlawumbe ubengakwazi ukuthi isiphakamiso sakhe asisho ngesikhathi ecela ibheyili.
“Akukho okubi okwenziwe uhulumeni waseNingizimu Afrika, ngokumlanda eTanzania, ngoba ubekhona ngokungemthetho ekubeni futhi kunamacala asolwa ngawo kuleli. Bekufanele vele bambophe,” kusho yena.
Uphethe ngelithi inkantolo izomlalela ngoba unalo ilungelo lokwenza noma yisiphi isicelo enkantolo kodwa iNPA izosiphikisa isicelo sakhe.