IYAQONGA ingcindezi yamaqembu ezepolitiki yokuthi uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, axoshe ongqongqoshe abasolwa ngokungawenzi umsebenzi, aphinde ehlise isibalo seKhabhinethi.
Abanye balabo ngqongqoshe okuhlatshwa ikhwelo lokuthi baxoshwe kubalwa uNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, okuthiwa usumhlule wancama umsebenzi wakhe.
UMnuz Andrew Grant Whitfield weDA, ebeka umbono waleli qembu ngesikhathi kunenkulumo-mpikiswano ngenkulumo kaRamaphosa ayethulele izwe ngeledlule eKapa, uthe uCele uhlulekile njengoba bandile ubugebengu selokhu athatha izintambo.
Uthe amacala okubulala andengo-20% wathi eziteshini eziningi azivakashela KwaZulu-Natal, zimbalwa ezinama-generator asebenzayo.
“Sandile isibalo sabantu ababulawa babe yiqulu, iziteshi zamaphoyisa azikwazi ukubhekana nesibalo sezikhalazo ngoba kucishwa nogesi, kwezinye ziyavala ngoba amaphoyisa ayasaba uma ungekho ugesi.”
Uthe sehlile isibalo samaphoyisa aqashiwe sisuka ku-199 000 ngo-2012 saya ku-178000 kulo nyakamali.
“Into okumele uyenze ukuxosha uBheki Cele, usehlulekile!” ebhekise kuRamaphosa.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, ugcizelele ephuzwini lokuthi kuxoshwe ongqongqoshe abangasebenzi.
“Baxoshe mengameli ngoba izinto eziningi zizinze ehhovisi lakho. Iba nomgogodla mengameli, awuyena uneni, baxoshe, hhayi ukubavikela,” kusho uHlengwa.
UMnuz Shaik Emam weNFP, uthe izwe libhekene nenhlekelele wathi kudingeka ilungiswe. Uthe abangavikelwa abangawenzi umsebenzi wabo kuhulumeni.
UMfundisi Kenneth Meshoe we-ACDP, ukhale ngenkinga yokucishwa kukagesi kuleli athe nonkosikazi wakhe ushone ekhala ngayo.
“Okubuhlungu ngukuthi i-Eskom yinkampani eyayihlonishwa njengeyenzakahle emhlabeni. Iyinkinga eyokucishwa kukagesi, yinto okumele ilungiswe ngokushesha.” UNksz Mbali Dlamini we-EFF, ukhale ngesibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi kuleli. Uthe sincane isibalo sabasebenzayo okudingeka bakhokhe intela, wathi baningi nomasipala abangasebenzi.
UMnuz Bheke Stofile weSalga, ukhale ngokungabambisana kwamaqembu komasipala, wathilokhu kwenza kungasebenzeki.
Uthe izimeya zishintsha njalowathi uma ingasukunyelwa lenkinga, kukhulu okuzayo kuleli.
“Sebengu-87 omasipala abaphethwe amaqembu angu-6. Kwenzeka izinguquko ezinzimakulabo masipala, kuphazamiseke ukuhanjiswa kwezidingo ngoba kuyabangwa. Siyacela mengameli ukuthi ilungiswe lenkinga ngoba siya enhlekeleleni siyizwe.”
Uthe abukho ubuholi kanjalo nozinzo kulabo masipala. No-Emam ukhale esifanayonoStofile ngokusebenzisana kwamaqembu komasipala wathi abaholi balawa maqembu abasebenzeli abantu kodwa bafuna ukuzicebisa bona.
“Akwenziwe okuthile ngalabo masipala ababambisene. Abantu abazuzi lutho okunalokho abaholi bazicabangela bona.”