ABAHLALI basehostela iGlebelands, eMlaza, okuqothwe kulona abantu abayisishiyagalombili ngempelasonto, bachaze le ndawo ngokuthi kukwampunz’edlemini.
Bakhala ngokuthi abantu bayazingenela baziphumele ngesikathi abasithandayo ehostela okubeka impilo yabo engcupheni.
NgoLwesibili emini, Isolezwe lihambele kule ndawo ukuyohlola isimo nokuthi uMasipala weTheku sewazenza yini izinto ezaphakanyiswa uMvikeli woMphakathi ophenyweni lwakhe?
UMvikeli woMphakathi waphakamisa ukuthi kuvalwe amanzi agxazayo kulungiswe nezokuthuthwa kwendle, kuqoqwe udoti, kusikwe utshani nezihlahla, kufakwe amalambu akhanyisa emigwaqweni.
Waphakamisa nokuthi kufakwe amakhamera, kube nesiteshi esingumahamba-nendlwana, kube nonogada abaqaphe abangenayo nabaphuma esangweni
Izolo, okuqaphelekile wukuthi le ndawo ibiyeliwe nakuba ucingo selucekelwe phansi kwezinye izindawo.
Seyaphenduka inxiwa indlu yonogada esesangweni elikhulu elingavalwa.
Le ndawo ihlanzekile emagcekeni nasemigwaqweni futhi uphahla lwaleli hostela eliyisitezi lufulelwe ngokhethe olubukeka lulusha olupendiwe ngokuluhlaza.
Uma uhamba ngaphakathi uyawabona amakhamera kwezinye izimpambano zemigwaqo engaphakathi kodwa abahlali bathi abakholwa wukuthi ayasebenza.
“Esiteshini ngafica iphoyisa elilodwa nalo lihlezi ekamelweni laso, ngahlala ngaze ngahamba ngingasizakalanga. Lana siphila ngomusa kaNkulunkulu ngoba kule ndawo kukwampunz’edlemini. Umuntu uyangena enzakalise omunye azihambele kuphele kanjalo,” kusho isakhamuzi esicele kugodlwe igama laso.
Omunye uthe amakhamera awasebenzi ngoba kwenzeka izigameko okuthi uma beya esiteshini beyocela bavezelwe amakhamera bangasizakali.
Isolezwe lisibonile isiteshi esingumahamba-nendlwana nezimoto ezimbili zamaphoyisa.
Inhloko yezokuXhumana eMkhwandlini waseThekwini, uNkk Lindiwe Khuzwayo, ithe umasipala uyazi okulindeleke ukuthi ukwenze ukuhlangabezana nezinselelo zakuleli hostela.
UNkk Khuzwayo uthe sebezenzile ezinye izinto ababeziyalelwe wuMvikeli woMphakathi njengokufakwa kwamakhamera, isiteshi esingumahamba-nendlwana nezinye izinto eziqinisa ezokuphepha.
“Sesilulungisile uphahla lwehostela senza neminye imisebenzi yansukuzonke. Okunye esisakulungisa sekucekelwe phansi. Umasipala uzoqhubeka nokunikeza abantu baseGlebelands izidingongqangi zabo,” kusho uNkk Khuzwayo.
Ucele amalungu omphakathi ukuthi asebenze ngokubambisana nomasipala, aqinisekise ukuthi ziyavikelwa futhi zinakekelwe izinto ezisuke sezilungisiwe.