IZINKINGA ezibhekene nezwe zokucinywa kukagesi ziphoqe uMengameli Cyril Ramaphosa, ukuba afake ngaphansi kwesigaba senhlekelele elakuleli waphinde wamemezela nokuthi uzoqoka ungqongqoshe ozobhekana nogesi ehhovisi lakhe.
Lesi ngesinye sezimemezelo ebezilindeleke ukuthi azenze emuva kokuba ne-ANC inqume ukuthi izwe kumele lifakwe ngaphansi kwalesi sigaba ukuze le nkinga ixazululeke.
Lezi zinhlelo uRamaphosa uzimemezele izolo, ebusuku eCity Hall eKapa, ethula inkulumo abeyibhekise ezweni.
URamaphosa uthe abantu balahlekelwe yithemba ngenxa yezinkinga zikagesi, izinga eliphezulu lokungasebenzi, indlala kanjalo nobugebengu nenkohlakalo.
“Ngifuna ukumemezela ukuthi izwe selifakwe ngaphansi kwesigaba senhlekelele ukuze kubhekwane ngqo nenkinga kagesi. UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu usesayinile ukuthi lesi sigaba siqale ngokushesha. Ngalokhu sifuna ukusheshisa izinhlelo zokusiza osomabhizinisi ngogesi welanga, ama-generator kanjalo nezinye izinhlelo zokuthi siqede nya ukucishwa kukagesi kuleli,” kusho uRamaphosa.
Isigaba senhlekelele siqale khona izolo, njengoba uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, esayinile ukuthi izwe lifakwe ngaphansi kwaso.
URamaphosa uthe uMcwaningi maBhuku Jikelele nguyena ozoqapha ngelokhozi ukusebenza kwemali uma kuthengwa lezi zinsiza ezithinta ugesi.
“Ngizophinde ngiqoke ungqongqoshe ozobhekana ngqo nezithinta ugesi ehhovisi lami. Ubusuku nemini uzosebenza le nkinga kuphela, hhayi okunye.”
Uthe maduzane uzomemezela izinguquko kwiKhabhinethi yakhe, okungenye yezinto ebhekwe ngelokhozi.
Ubalule nokuthi uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, uzomemezela izinhlelo zokusiza osomabhizinisi uma bethenga izinsiza zikagesi ophehlwa ngelanga.
“Lezi zinhlelo zizomenyezelwa uGodongwana, aphinde akhulume ngemihlomulo ezotholwa osomabhizinisi kanjalo nemizi ezobe ifaka ugesi welanga,” kusho uRamaphosa.
Uthe bayaqhubeka nezinhlelo azimemezela zokuthi kubuyiswe ongoti abanamava asabathatha umhlalaphansi ukusiza e-Eskom.
“Siyaqhubeka nokulungisa iziphehli zamandla ikakhulu lezo ezisebenzisa amalahle okuyizo ezisikhiqizela ugesi omningi. Ngalezi zinhlelo sifuna ukwehlisa umthwalo obhekene nenkampani ehlinzeka ngogesi.”
Umemezele nokuthi bazozinyusa zonke izibonelelo ezitholwa ngabantu bakuleli ukuze zisize ekunciphiseni indlala.
Ubalule ukuthi sizoqhubeka isibonelelo sabangatohozi esiholwa ngabangu-7.8 million, wathi uGodongwana uzomemezela uma esethula isabelomali.
Odabeni lobugebengu, uthe bazoqinisa ukusebenza kwenombolo yokubika ubugebengu emaphoyiseni engu: 10111, wathi abanye bakhale kakhulu ngokuthi le nombolo ayingeni uma beyishayela ucingo.
“Ubugebengu obubhekiswe kwabesifazane nezingane busiphazamisa kakhulu. Sizoqasha amanye amaphoyisa angu-10 000 kulo nyaka njengoba nanyakenye, siqashe isibalo esifanayo ukuze angene ezindaweni ezehlukene, kuqiniswe impi yokulwa nobugebengu.”
Uncome abafundi baka-matric banyakenye owenze kahle uthola u-80% washayela ihlombe abafundi abaphase ngamaBachelor ekubeni bebefunda ezikoleni ebezingenazo izinsiza ezanele.
Ubalule nokuthi intsha esiza ezikoleni iqalile umsebenzi wayo wathi lolu hlelo luthela izithelo njengoba le ntsha ithola isipiliyoni.
URamaphosa uthe isipiliyoni asisadingeki uma ufuna umsebenzi kuhulumeni ikakhulu entsheni esuka iphuma ezikhungweni zemfundo.
Ukhale nangomasipala abangu-163 okungasebenzeki kubona abanenkinga yobuholi wathi bayangenelela kubona kuze basizwe, umphakathi uthole izidingo.
Uthe bazoqhubeka nokulungisa izinkinga ezibhekene nokuhlizekwa kwamanzi, ukulungisa ingqalasizinda yezitimela ukuze zihambe kanjalo nokwakha ama-CPF ukuze kuliwe nobugebengu.
Le nkulumo kaRamaphosa ibigxile ezinkingeni ezibhekene nezwe njengoba abantu abaningi bese bethi sebekhathele izinkulumo ezingenasixazululo.
Iqale ngezinkinga le nkulumo njengoba amalungu e-EFF abekhishwa ngusomlomo ngenxa yokuthi abelokhu ephazamisa ukuqala kwayo egibela esteji ephethe izingqwembe ekhala ngezinkinga zikagesi.
Kungenelele abezokuphepha okubalwa abasePhalamende, amaphoyisa iSAPS nabagada umengameli, abebala ukhasha ukuthi kubekhona ozosondela.
UMnuz David Mabuza oyiPhini likaMengameli wezwe obekunesikhathi engabonakali emphakathini, ubeyingxenye yalo mcimbi wokuvulwa kwePhalamende.