IBHODI elilawula ezokukhangisa kuleli i-Advertising Regulations Board (ARB) ithi kwakungafanele indawo yokudlela iqanjwe ngokuthi yiZuma njengoba sezikhona ezinye izindawo zokudlela phesheya ezibizwa ngaleli gama.
Kuzokhumbuleka ukuthi kwaba negidigidi ngesikhathi kuvulwa iZuma eThekwini njengoba umcimbi wawuhanjelwe nawuloyo owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma.
Nokho kwavezwa ukuthi akuyona eyakhe le ndawo yokudlela ubemenyiwe njengesicukuthwane.
Inkampani enezindawo zokudlela ezibizwa ngeZuma phesheya ifake udaba lwegama lale ndawo kwi-ARB ikhala ngokuthi kukotshelwe igama layo, i-website yayo kanye nendikimba yayo.
Abanikazi bale ndawo, uMnuz Rainer Becker noArjurn Waney, baveze ukuthi igama elithi Zuma elezindawo zabo zokudlela abazisungula ngo-2002 eLondon, Hong Kong, Dubai naseNew York.
Bathe yonke into ikotshelwe kubona futhi ababoni ukuthi isibongo sikaMengameli Jacob Zuma sihlanganaphi nendawo yokudlela edayisa ukudla kwase-Asia.
I-ARB ithe kuyacaca ukuthi umnikazi weZuma yaseNingizimu Afrika wenza ngamabomu ukuthi akhangise le ndawo ngokuthi yiZuma hhayi iZhuma njengoba kubhaliwe emaphepheni enkampani yakhe.
Ithe lokhu kudidisa abantu ngoba abanye bazozitshela ukuthi iqanjwe ngeZuma yaphesheya.
Iveze ukuthi ukusebenzisana igama elithi Zuma KwaZulu-Natal kuheha abantu ngoba leli gama liyamaniswa nowayengumengameli wezwe.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba isikhulu esiphezulu seZuma, uMnuz Sven Koch, uthe iZuma yaseThekwini yakucacisa ukuthi ayihlangene nabo kodwa-ke bayajabula ukuthi i-ARB ivezile ukuthi ukusetshenziswa kwaleli gama kudla amandla abo ngoba nokudla okuphekwa khona okwase-Asia.
Uphethe ngokuthi bazoqhubeka nokuvikela igama labo nesithunzi sabo asebesisebenzele iminyaka.
Isolezwe lizamile ukuthinta umnikazi weZuma yaseThekwini, uMnuz David Manal, kodwa akazange alubambe ucingo kanti ne-sms athunyelelwe yona akazange ayiphendule.