IBHEKENE nengwadla intsha ekwezemidlalo ezindaweni zasemakhaya ngenxa yombani wezulu ophazamisa imidlalo yokuhlungela amaSalga Games azoba ngoDisemba kwaZulu-Natal.
Lokhu kuvele njengoba komasipala abaningi kunemidlalo yokuhlunga ebingeSonto emini.
Kuze kwaphoqeleka ukuthi kuncishizwe izikhathi zokudlala eHluhluwe Primary ngaphansi koMkhanyakude ukuze kubalekelwe izulu ebese liqalile lihloma.
USne Mdluli obeyingxenye yababukeli nabathandi beNetball, uthe iyabakhathaza indaba yaleli zulu ngoba umbani wakhona ushiya izidumbu.
"Ngikhuluma nawe nje uma like lahloma sonke sishawa uvalo futhi thina esithanda ezemidlalo siba senkingeni ngoba eminye igcina isihoxisiwe njengoba liduma kabi kuthi awuqede abantu. Ngikhulima nawe nje sisathuswe umfundi waseMgungundlovu eHilton College obeyodoba nabangani bakhe elimshaye washona, muva nje," kubalisa uNksz Mdluli.
IMeya kamasipala waseBig 5 Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo ithe, bakhathazekile njengoba izikhathi sebevele bazinciphisa ukuze kusheshe kuqedwe uma kudlalwa.
"Uyabona nje kuNetball bekubekwe imizuzu engu-30 kodwa sisehlisile isikhathi sabeka imizuzu engu-15 ngapha nangapha, ngoba sibona ukuthi leli zulu lizosifica lapha nezingane zabantu zilimale. Le midlalo ibalulekile ngoba ihlungela iqembu esizolikhanda liyosimela esiFundeni uMkhanyakude kuze kufikwe kumqhudelwano wokuvala unyaka wamaSalga ozoba ngoDisemba," kusho uKhumalo.
Uthe bazama nokuthi ezindaweni eziningi kube nezikhonkwane kodwa ngenxa yesimo banxusa umphakathi ukuthi uhlome ngazo zonke izindlela nangemithi yezinyanga yokuphebeza izulu ngoba isimo sibi.
Ngesonto eledlule abakwaSouth African Weather Service baxwayise ngokuthi lizoba libi izulu kuze kufike esigabeni esiyingozi.
Kuleso sigaba kuthe uma lifika lashiya kukhalwa njengoba lihlasele umndeni wakwaMkhize, eMooi River kwashona owesilisa obeneminyaka engu-37 kwasinda ingane nonina abasale benamanxeba amabi okusha.