INDLUNKULU kaZulu izobumbana uma sekunomkhuleko wokukhumbula iSilo esesakhothama, uZwelithini KaBhekuzulu KwaNongoma kusasa.
Lokhu kuvezwe uMntwana uMbonisi Zulu esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba.
UMntwana uMbonisi Zulu uthe umkhuleko kuzobe sekuyiminyaka emithathu kwakhothama oNgangezwe lakhe, ngoMashi 2021.
Uveze ukuthi wenziwa yindlunkulu ihlangene kanjalo nenhlangano engenzinzuzo, iGoodwill Foundation.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe uMntwana uMbonisi kwabezindaba, umkhuleko owenziwa kulandela ukukhothama koNgangezwe lakhe, ngoMashi 2021, uzoba seMahhashini KwaNongoma.
UMntwana uMbonisi uthe okubajabulisayo ukuthi kuzobe kungokokuqala ukuthi lesi sikhumbuzo sibanjwe yindlunkulu ihlangene.
“Lokhu kuwuphawu lokuzibophezela ekubuyiseni ukuthula, ubumbano nesithunzi sendlunkulu,” kusho uMntwana.
Echaza ngokuzobe kwenzeka ngalolu suku, uthe kuzobe kukhulekwa, kubungazwa neqhaza leSilo esakhothama, kuphinde kwenziwe nezibophezelo emibonweni yaso.
Uthe kuzosetshenziswa umkhuleko ukukhulekela ukuthula nobumbano endlunkulu.
Uqhube wathi bayibonile imizamo yezepolitiki ezama ukudukisa nokuhlukanisa phakathi indlunkulu.
“Labo bazifunela nje amavoti besebenzisa isizwe sikaZulu. Asihambisani nosopolitiki abasebenzisa isiko likaZulu nemicimbi ebalulekile ukuzama ukugaya amavoti,” usho kanje.
Echaza iSilo esesakhothama, uthe njengenkosi ebesemlandweni wokuhola isikhathi eside ukuwadlula wonke emlandweni wesizwe samaZulu, kubalulekile ukukhunjulwa kwaso.
Umkhuleko uthe uvuleleke kuwo wonke umuntu.