IZOMANGAZA imiphumela ka-matric esifundazweni iKwaZulu-Natal, okulindeleke ukuthi imenyezelwe wuNgqongqoshe woMnyango weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, kusasa ntambama.
Lokhu kuqinisekiswe yilo ngqongqoshe ngesikhathi ehambele izikole ezimbalwa esifundazweni izolo, ukubheka isimo njengoba bezivulwa ngokusemthethweni.
“Embikweni engiwutholile, lesi sifundazwe sizosimanga uma sengimemezela imiphumela. Kuyangijabulisa ukuthi ngaphandle kwezinselelo esibhekene nazo, izikhulu zomnyango ziyaqhubeka nokuqinisekisa ukuthi isiko lokufunda nokufundisa lihamba kahle,” kusho uNkk Motshekga
Kanjalo nezinyunyana zothisha zithe zilindele ukuthi iKwaZulu-Natal yenze kahle uma sekumenyezelwa imiphumela kamatikuletsheni.
INatu neNaptosa bathe yize kube nokuphazamiseka kokufunda nokufundisa okube khona esifundazweni ngonyaka owedlule, kodwa othisha basebenze ngokuzikhandla ukubuyisa isikhathi esilahlekile.
Umengameli weNatu, uMnuz Sibusiso Malinga, uthe othisha baKwaZulu-Natal basebenze ngokuzikhandla ngonyaka owedlule.
"Siyilindele imiphumela emihle ngoba othisha basebenze ngokuzikhandla. Yize sihlaselwe yizimo ezifana nezikhukhula nokuvaleka kwemigwaqo, othisha benze konke okusemandleni abo ukuthi isikhathi esilahlekile siyabuya."
UMalinga uncome neqhaza elibanjwe ngabazali nabafundi.
"Ukufunda nokufundisa kuhambe kahle kakhulu. Abazali bebebambisene nathi, kanjalo nabafundi basebenze ngokuzikhandla."
Yize uMalinga ethe othisha basebenze ngokuzikhandla, kepha ukubalulile ukuthi bebebhekene nezinselelo eziningi.
UMalinga uthe imiphumela ibizokuba mihle kakhulu ukuba bezingekho izinkinga njengokushoda kothisha, ukugcwala ngokweqile ezikoleni nokungaphephi.
UNkk Therona Moodley weNaptosa, uthe ngeke kubamangaze ukwenza kahle kweKZN.
"Asikho isizathu esingenza sicabange ukuthi iKwaZulu-Natal izoshona phansi. Sikholelwa ekutheni isifundazwe sizokwenza kahle. Kube kuncane kakhulu ukuphazamiseka okube khona ezikoleni kulo nyaka. Isikhathi esilahlekile, othisha benze isiqiniseko sokuthi bayasibuyisa."
Imizamo yokuzwa ukuphawula kukanobhala weSadtu esifundazweni, uNksz Nomarashiya Caluza, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.