BAZOKWETHULWA ngokusemthethweni kusasa bonke abamele izifundazwe zakuleli kwiNdoni Miss and Mr Cultural SA. Umsunguli walo mcimbi ohlanganisa intsha ngamasiko ahlukene, uDkt Nomcebo Mthembu, uzobe amukela izintokazi nezinsizwa eThohoyandou Town Hall. UDkt Mthembu uthe lo mcimbi sewandulela owamanqamu ozokwenziwa ngoDisemba KwaZulu-Natal. UDkt Mthembu uthe kulo nyaka bahlanganisa iminyaka eyishumi kwasungulwa izinhlelo ezahlukene kwiNdoni nezihlose ukuthuthukisa intsha.
"Kulo nyaka kuzoba ngokokuqala ngqa sinikeza abadla umhlanganiso ngo-2021 ukuba basingathe izinhlelo zomcimbi wezindondo zeNdoni Academic Achievement ozoba ngoDisemba 16. Kwenza sizigqaje ukubona imiphumela nothando lokuvuselela amasiko namagugu lukhula minyaka yonke," kusho uDkt Mthembu.
Uma bebuya eLimpopo kuzobe sekuqhutshekwa nezinhlelo zomcimbi olandelayo kanti nezintombi zizobe sezivotelwa. UDkt Mthembu uthe kubajabulisile ukuthi ezinye zezintokazi zeNdoni zomncintiswano wanyakenye nowakulo nyaka beziyingxenye yezintombi ebeziseMkhosini woMhlanga KwaNongoma. Uphinde wakuveza ukuthi kule minyaka emibili edlule banqindeke amandla ngezinye izinhlelo ngenxa yeCovid 19. Ephetha uthe isikole seNdoni samasiko, esizinze eRichmond nasanda kusakha, sizovulwa ngoDisemba 17 sethulwe nasemphakathini.