ZIMILE kwelithi ngeke zilubhade emakilasini izitshudeni zaseMfolozi TVET College ebezibhikisha izolo eRichards Bay zikhala ngezinkinga.
Phakathi kwezikhalo zazo ziveze ukuthi kukhona eziphathelene neNational Student’s Financial Aid Scheme (NSFAS), kuphinde kube khona ezithinta isikhungo ngqo.
Umhleli wombhikisho, uMnuz Sanele Mvelase, echaza ngezinye zezinkinga, uthe kuze kube yimanje ezinye izitshudeni azikaze zizithole izincwadi zokufunda.
“Abanye sebeze baqala ukubhala izivivinyo, abanye kulindeleke ukuthi baqale maduze. Kuthiwa asizibhale kanjani izivivinyo singenazo izincwadi,” kubuza uMvelase.
Uqhube wathi ezindaweni ezihlala izitshudeni ngaphakathi esikhungweni kunomgomo wokuthi izitshudeni ziyaphekelwa.
Uthe ophekela izithudeni ukhala ngokuthi akakhokheliwe, izitshudeni zibhuqwa yindlala.
“Sonke lesi sikhathi ubezama ngendlela azama ngayo, aziphekele izitshudeni. Kamumva ukhale ngokuthi sekuphele kona lokho abekubekile, izitshudeni sezilala ngephalishi,” kusho uMvelase.
Ukhale nangokuthi uxhaso lwemali yokukhokhela irenti kulezo zitshudeni ezihlala emiqashweni ezimele, imali yama-data, eyokudla nezinto zokugcoba ivele ibe ncane njengoba enye ithathwa ama-charges.
Elandisa mayelana nezinkinga ezithinta isikhungo, uthe izitshudeni eziphila nokukhubazeka azibhekelelwe, njengoba zize zisizwe ezinye izithudeni uma zizofunda.
Ubuye wathi amabhilidi awekho esimweni esifanele, wathi amanye anetha imvula kodwa kulindeleke ukuthi bafundele kuwo.
“Lezi zinkinga ezimayelana nesikhungo zindala, ezinye zazo, kusukela ngo-2012 zikhona, zingalungiswa,” kusho yena.
Uthe bakulungele ukubuyela ekilasini, inqobo nje uma behlangatshezwa ezikhalweni zabo ikakhulukazi lezo ezithinta izincwadi nokudla.
Okhulumela isikhungo uMnuz Bhekani Ndlovu, uthe bayazibophezela ekutheni ukufunda nokufundisa kuqhubeke ngendlela ejwayelekile.
Uthe bayazi ukuthi imbangela enkulu eyenza izitshudeni ziteleke yizinkinga zeNSFAS.
“Ihhovisi leNSFAS elikhona esikhungweni sethu, lenza konke okusemandleni ukulungisa izinkinga zabafundi,” kusho uNdlovu.
Uthe batholile ukuthi ezinye izinkinga zidalwe ukungakhokhelwa kwabahlinzeka ngezidingo esikhungweni, wathi lokhu kwenzeke izinyanga ezimbili kuphela.
“Ngokwesivumelwano osonkontileka abasisayina nesikhungo, kufanele babe nemali eyanele ukukhokhela abasebenzi babo izinyanga ezintathu ukugwema izimo ezifana nalezi. Isikhungo senza konke okusemandleni ukulungisa lolu daba,” kusho uNdlovu.