IZITSHUDENI ezenza iziqu zePHD eNyuvesi yaKwaZulu- Natal ezingu-24 zizothola ithuba lokuhlanganyela nozakwabo baseColumbia University ohlelweni lokucwaninga ngobuhlanga.
Inxusa lase-United States kuleli uMnuz Reuben E. Brigety II, lethule ngokusemthethweni lolu hlelo olwaziwa nge-US South Africa Racial Justice Fellowship oluzoqhubeka izinyanga eziyisikhombisa luxhaswe yi-U.S. Mission South Africa.
Ngalolu hlelo oluphakathi kwala manyuvesi amabili asezingeni lomhlaba, okuwuphiko lwezemfundo e-UKZN nophiko lwezemfundo eColumbia University, kuhloswe ukuhlomisa izitshudeni eziphothule e-United States nabaseNingizimu Afrika ngolwazi, amakhono, kanye nokwesekwa ukuze bamele ubulungiswa bezinhlanga ohlelweni lwezemfundo nasemphakathini ngocwaningo nangezenzo.
UBrigety II obethula inkulumo yakhe ophikweni lwe-UKZN, i-Edgewood College, izolo, uthe izitshudeni ezizobe ziyingxenye yalolu hlelo zizolekelelana ngocwaningo, ngokuhambela kula mazwe ukuze zikwazi ukuzibonela ngqo izinto eziyingxenye yocwaningo ezilwenzayo.
"Sinenkolelo yokuthi ukusebenzisana namazwe omhlaba kuba nomthelela omuhle ekutheni kube noshintsho. Okubalulekile ukuthi sishintshe indlela yokucabanga nokwenza kwethu ukuze siphumelele," kusho uBrigety II.
IPhini likaShansela uSolwazi Nhlanhla Mkhize, lithe bajabule kakhulu ngalolu hlelo futhi banethemba lokuthi luzothela izithelo ezinhle njengezinye izinhlelo zokubambisana ezike zabakhona phakathi kwenyuvesi kubalwa i-US/SA Literacy Project.
"Lolu hlelo lufike ngesikhathi inyuvesi ikade yenza uhlelo lwayo lwamasu okusebenza lweminyaka eyishumi ka-2023 kuya ku-2032 kuwo okukhona olokusebenzisana nomphakathi nokuqinisa izinhlaka zokusebenzisana namazwe omhlaba. Sifuna ukuba ngenye yamanyuvesi aphezulu emhlabeni," kusho uMkhize.