UKUMISWA kokuhamba kwezitimela emizileni eminingi KwaZulu-Natal kuzokwenza kube nzima ebantwini abaningi ukufinyelela eMkhosini weLembe, ozogujwa KwaDukuza kusasa.
Lokhu kushiwo ngokhulumela ihhovisi leSilo, uMntwana uThulani Zulu.
UMkhosi weLembe uzogujwa kusasa ezinkundleni zemidlalo esikoleni iStanger High.
UMntwana uThulani uthe eminyakeni edlule abantu abaningi bebesebenzisa izitimela ukufinyelela emkhosini.Iningi labantu abahambela umkhosi lihlala emahostela aseThekwini.
Imizila eminingi yezitimela KwaZulu-Natal selokhu yavalwa ngesikhathi kubheduka ubhubhane iCorona, ngasekuqaleni kuka-2020.
UMkhosi weLembe ukhuza ibuya kulo nyaka njengoba eminyakeni emibili eyedlule ubuhanjelwa ngabantu abambalwa ngenxa yeCorona.
Umkhosi wango-2020 wenziwa kusetshenziswa ezobuchwepheshe, owanyakenye wawuhanjelwe ngabantu abambalwa ngenxa yemigomo eyayibekelwe ukulwa neCorona, eyayingakuvumi ukuhlangana kwabantu abaningi endaweni eyodwa.
Njengoba ingasekho le migomo, uMntwana uThulani uthe baningi abantu abazofisa ukuya emkhosini.
Uthe ukungavulwa kwemizila yezitimela kuzokwenza kube nzima ukuthi abantu bafinyelele KwaDukuza.
“Ukushoda kwezitimela kuyinkinga. Bekuba lula ukuthi abantu abasuka emahostela bafinyelele KwaDukuza ngoba bebengena ezitimeleni.”
Yize kunjalo uMntwana uThulani uthe unethemba lokuthi abantu bazogcina bekwazile ukufinyelela emkhosini wakusasa.
“Siyethemba ukuthi uhulumeni nomasipala bazokhipha amabhasi azothutha abantu. Isasasa lihlezi lilikhulu uma kuzoba noMkhosi weLembe. Ngicabanga ukuthi baningi abantu abazofuna ukuba yingxenye yomkhosi wakulo nyaka njengoba ukhuza ibuya ngokugcwele.”
UMntwana uThulani ukhuthaze ukuziphatha kahle kwabazoya emkhosini kusasa.
“Yize uMkhosi weLembe uwumgubho, uphinde ube wumkhuleko. Yingakho kubalulekile ukuthi abantu abazokube bekhona bazothe. Kuba kubi ukubona abantu sebeshayana, ekubeni size emkhulekweni. Umgangela kawufuneki.
“Akukuhle ukubona abantu bephethe izibhamu. Yizinduku kuphela eziphathwayo, izibhamu kazivumelekile. Kanjalo namanzi amponjwana kawavumelekile.”
Umkhosi wakusasa uzobe ungowokuqala lapho iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sizokwethula inkulumo.
Yize sasikhona emkhosini wangonyaka owedlule kodwa kasizange siyethule inkulumo ngenxa yokudunguzela.
Inkulumo yaso yafundwa nguMntwana uThulani.