UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Nonhlanhla Khoza uthe uhlelo lomnyango wakhe lokuhlomisa abantu abasha ngamakhono adingekayo, luzobasiza bakwazi ukuziphilisa kungakhathalekile ukuthi yibuphi ubunzima asebeke babhekana nabo empilweni.
Ubekhuluma emcimbini wokwethweswa iziqu kwentsha eyevile ku-100, esikhungweni salo mnyango iWentwort Youth Development Centre eThekwini ngoMsombuluko, eqeqeshwe ngamakhono ahlukene.
“Sibonga iziphathimandla nobuholi besikhungo nababambisene nabo ngokuqinisekisa ukunikeza izinhlelo zokuthuthukiswa kwamakhono okusezingeni eliphezulu. Sithathe abantu abasha abaningi, abanye babo bebenenkinga yokusebenzisa izidakamizwa, abanye bephuma emakhaya antulayo,” usho kanje
Lesi sikhungo esivulwe ngokusemthethweni ngonyaka odlule, kuthiwa siyingxenye yezinhlelo zomnyango ezibhekela ngqo ukuthuthukiswa kwabantu abasha ngamakhono, abasuka ezindaweni ezingenawo amathuba, umnyango oziqale ngo-2012.
Ezinye izikhungo zomnyango ezenza umsebenzi ofanayo esiseVuma eShowe nesiseCabazini kuMasipala waseMkhanyakude.
Kuthiwa imikhakha eyenziwa kulezi zikhungo ngokubambisana namaTVET Colleges kubalwa izifundo zokupheka, ugesi, ukuthunga nezifundo zekhompyutha.
UNkk Khoza uthe kwabebethwesa iziqu, abangabokuqala kulesi sikhungo esiseWentworth, kukhona abazoziqalela amabhizinisi abo kanti abanye bazosebenzisa izicucu abazizuzile ukufuna imisebenzi.
I-Wentworth isezindaweni ezikhungethwe ukusetshenziswa kwezidamizwa, ukugqoza kwabadlulela ezikhungweni zemfundo ephakeme, ukungabibikho kwamathuba emisebenzi entsheni, izinga lokukhulelwa kwezingane nokwanda kwezingane eziyeka isikole.