IZINYUNYANA zabasebenzi bezempilo zithi uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal unomthelela ezigamekweni zonesi abashaywa iziguli besemsebenzini.
Esigamekweni sakamuva esenzeke ngoMgqibelo, isiguli okusolwa ukuthi besingayidli kahle imishanguzo yaso yokulawula isifo sengqondo, sishaye abahlengikazi ababili emtholampilo oseMpangeni.
UMphathiswa wezeMpilo uNksz Nomagugu Simelane, uthe ngokuzwa kwakhe kuthe kusenomhlangano abaphathi besakhuluma nomhlengikazi wokuqala ngesigameko sokushaywa yisiguli, saphinde salwa nomunye umhlengikazi oqashwe inhlangano esiza umphakathi osebenza kuwo umtholampilo. Kwagcina sekubizwa amaphoyisa nophiko olubhekele iziguli ezinezifo zengqondo zasesibhedlela iNgwelezane.
Usihlalo wenyunyana yabahlengikazi, iDENOSA KwaZulu-Natal , uMnuz Sibonelo Cele, uthe ukushoda kwabahlengikazi ezibhedlela nokungabikhona kwamawodi abhekele iziguli eziphazamisekile ngokwengqondo kuzo zonke izibhedlela ekubeni sikhula isibalo seziguli ezihlaselwa izifo zengqondo kudala ukuthi inkinga ingapheli.
"Isiguli esiphazamiseke ngokwengqondo sidinga ukuthi umhlengikazi angawasusi amehlo kuso. Uma umhlengikazi eke wawasusa amehlo wasiza ezinye iziguli siyadinwa. Imithetho okumele ilandelwe ngaphambi kokuthi kuqinisekiswe ukuthi isiguli siphazamisekile nayo yengeza ingcindezi. Ngesikhathi kusalindwe isiqinisekiso kuyenzeka isiguli senze umonakalo. Ukushoda kwabahlengikazi kwenza ukuthi umhlengikazi angakwazi ukubheka leso isiguli esisodwa," kusho uCele.
UMnuz Mlungisi Ndlovu oyimenenja yenyunyana yabasebenzi bezempilo iPSA KwaZulu-Natal, uthe ezokuphepha ezikhungweni zezempilo azikho ezingeni elifanele.
"Onogada kwesinye isikhathi basuke bengekho eduze ukuze baqaphe ukuphepha kwabasebenzi nezinye iziguli ngoba isiguli singalimaza noma ngubani. Emasontweni ambalwa khona esibhedlela eNgwelezane udokotela ugwazwe isiguli esemsebenzini, manje isiguli sesishaya onesi ababili. Lesi simo sidinga ukuqashelwa kakhulu. Uma sesenzekile isigameko umnyango kudingeka ukuthi ubeseke abasebenzi ngokuthi uvakashele kuleso sikhungo ukuze kwehle uvalo. Uphinde unikeze umhlengikazi othinthekayo usizo lokwelulekwa ngokwenqondo. Uma elimele kubhekwe nokuthi uyawuthola umhlomulo wokuthi ulimale esemsebenzini," kusho uNdlovu.
UMphathiswa, uNksz Simelane, uthe umnyango uyaluphenya lolu daba kodwa isiguli asiboshwanga, sigodukiswe nowomndeni.