KUHLENGEZELE izinyembezi kuNkk Sibongile Mthalane emukela umuzi kwiMeya yaseMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu obehambisana neMeya yesifunda iKing Cetshwayo, uMnuz Thami Ntuli, KwaMbonambi namhlanje.
Elandisa Isolezwe Online uNkk Mthalane uthe, into emenza ahlengezele izinyembezi ukuthi kwashona ingane yakhe u-Amanda Mazibuko ebulawa isoka lakhe elaliyisixhwanguxhwangu.
“U-Amanda wayesevele eqalile ukuthenga amaBlocks ngenhloso yokusakhela umuzi, wayesebenza kuMasipala uMfolozi ohlelweni i-Expanded Public Works Programme(EPWP). Kwafika isoka lakhe lamgwazela emsebenzini, kwaphela kanjalo ngaye,” kulandisa uNkk Mthalane.
Uthe indodakazi yakhe idlule emhlabeni ngoNovemba 11 kwathi ngoDisemba bafika abakamasipala bathembisa ukubakhela umuzi.
“Okungijabulise kakhulu ukuthi uMasipala uMfolozi usigcinile isethembiso sawo, njengoba namhlanje siyivula indlu, okuhle ukuthi umuzi omuhle osezingeni elicokeme. Simbonga kakhulu uNkulunkulu ngalokhu okwenzeka kithina, sengathi kunganda lapho bethathe khona,” kusho uNkk Mthalane.
IMeya uBhengu ithe bazovula izindlu egameni likaMntwana waKwaPhindangene, ngaphansi kweFoundation yakhe, eyaqhamuka nombono wokuthi kulekelelwe abesifazane abaswele. “Siqale ku-ward 12 lapho intombazanyana encane ihlala nonina futhi abasebenzi, sabathembisa indlu, besihambisa okhiye kanjalo nefenisha,” kulandisa iMeya.
Umcimbi bewubusiswe nawukubakhona kwendodakazi yoMntwana waKwaPhindangene, uMntwana uPhumzile naye okuncome kakhulu ukwesekwa kwabantu besifazane.