ZIVESE zazehlela izinyembezi kunina kalowo owayefundisa eDurban Universty of Technology (DUT), ngesikhathi efakaza ecaleni lokubulawa kwendodana yakhe.
UNksz Pam Taylor ongunina kaDkt Euvette Taylor, ubefakaza eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo.
UDkt Taylor wabulawa ngoFebhuwari 2019 endaweni ehlala izitshudeni ngaphakathi eDUT.
Kuthiwa umufi washaywa walinyazwa kabuhlungu waze washona kwase kwebiwa imoto yakhe iVW Amarok, amathelevishini amabili, ilaptop nezinye izimpahla zakhe.
Ngemuva kwalokho kwaboshwa abangani okungoMlungisi Ndlovu (27) noLwazi Danca (26) ababhekene namacala okubamba inkunzi kusetshenziswa indluzula, elokubulala, nelokwakha itulo lokubulala.
Kuvela ukuthi imoto kamufi yatholakala kwaL, eMlaza kubo kaDanca.
Isidumbu sikaTaylor kuthiwa sasilaliswe embhedeni endlini yakhe engaphakathi lapho okuhlala khona izitshudeni.
UNksz Taylor uchaze kabanzi ngosizi nangobunzima kusukela kwabulawa indodana yakhe eyayimise ikhaya.
Uthe njengamanje badonsa kanzima futhi uyena osebheke zonke izidingo zekhaya okuyinto athi zazenziwa ngumufi esadla anhlamvana.
Ubekhuluma echaza ngobunzima ababhekene nabo ngaphambi kokuba iJaji likhiphe isigwebo.
Kube nesikhathi lapho izinyembezi bezizehlela khona waze wakhumula izibuko wazesula izinyembezi.
La madoda asevele alahlwe ngamacala, kuthiwa emuva kokubulawa kukaTaylor abe esakha itulo lokubulala uMnuz Willem Codier ngoMashi 2019.
Kuthiwa uCodier uyena owakhulisa uDanca kusukela eneminyaka engu-14 kwaze kwaba ayambulala eseneminyaka engu-22.
Ngaphambili uDanca ezikhulumela enkantolo watshela iJaji uMfuniselwa Nkosi ukuthi wahlala noCodier emva kokuthi wamcela kuninakhulu ukuthi azikhulisele yena.
UDanca wathi uCodier waqala waba ngubaba oqotho kuyena kodwa ngokuhamba kwesikhathi washintsha, waqala wamnukubeza ngokocansi akwenza iminyaka.
Lokhu uDanca wathi kwamenza wagcina esegcwala intukuthelo enkulu nosizi engakwazi nokutshela abangani bakhe ngoba uCodier kuthiwa wayenamavidiyo ayewaqophile.
Wayemsabisa ngokuthi uzowadedelela umphakathi uma eke wakhuluma. Izenzo zikaCodier, uDanca uthi yizona ezaholela ekutheni agcine esekhetha ukumbulala.
Namuhla enkantolo usonhlalakahle uNkk Ayanda Nzimande kulindeleke aqhubeke atshele uNkosi ngakuthola ngesikhathi exoxa noDanca mayelana nempilo yakhe ekhula.