UKUBHEDA kwe-network okusolwa ukuthi kubangwa wukunqamuka kukagesi, kuthwalise kanzima ungoti wemizila yezimoto obethula ubufakazi ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa.
UMeyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng ngo-2014. Kulo nyaka kuphele iminyaka eyisishiyagalolunye wabulawa kodwa akekho osatholwe enecala.
Ungoti wemizila yezimoto uMnuz Michael Du Preez, ubeqhubeka nokwethula umbiko ngezimoto zabaphenyi becala. Abanye abamangalelwa bathi amaphoyisa ayentanta nabo ehambe ema izitobhi ebashaya. Yingakho kugcine kubizwa ungoti azobheka imizila yezimoto ukuthi zazihamba kuphi.
Ungoti ugxile embikweni weToyota Fortuner yabaphenyi okuthiwa babehamba ngayo nommangalelwa wesibili, uMnuz Bongani Ntanzi, ngesikhathi bemphenya.
UDu Preez uqale kahle weneka umbiko wakhe kodwa kuthe sekuphakathi wakhala ngokuthi akusaqhubekeki ngoba i-network iyabheda.
“Nkosi yenkantolo, ngiyaxolisa i-network ayisebenzi kahle la, iyangiphazamisa. Angazi noma yindaba yokucima kukagesi yini ngoba nalokho kuvamile ukuphazamisa,’’ kusho uDu Preez.
UDu Preez ufakazelwe nawummeli, uMnuz Sipho Ramosepele, othe nezintatheli zikhala esifanayo nazo akunyakazi lutho kwezobuchwepheshe. Kubonakale izintatheli ebezihleli ngemuva kwabameli nazo zeneka izandla zilandula zithi azikwazi kwenza lutho.
IJaji Ratha Mokgoatlheng, libuzile ukuthi bacabanga ukuthi kwenziwenjani ngalesi simo sokubheda kwezobuchwepheshe.
“Senzenjani? Nibona ukuthi sithi ukuma kancane ukusebenza kuze kube isimo siba ngcono, ” kubuza ijaji.
UDu Preez ucele ukuthi baqhubeke bambuze imibuzo ngoba ikhona azokwazi ukuyiphendula ngaphandle kokubheka umbiko.
Okunye okuvelile wukuthi ezimotweni ezinhlanu okucelwe ungoti ukuba azibheke, kuvele ukuthi iyodwa kuphela enomshini oqopha ukuhamba kwayo. Ezine kuvele ukuthi azinayo imishini, nokwenze ungoti angabi nawo umbiko ngazo.
Kulindeleke ukuthi icala libuyele enkantolo ngoMsombuluko kuqhubeke ukulalelwa kobufakazi.