MANCANE amathuba okuthi izinkawu ezijwayelekile, ezihlale zibonakala emakhaya kuleli, zisabalalise upokisi wezinkawu, iMpox.
Lokhu kushiwo ongoti bezempilo baseNyuvesi yaKwaZulu-Natal ngesikhathi kunesigcawu sokucobelelana ngolwazi mayelana neMpox.
UDkt Richard Lessens uthe igciwane, imonkeypox, isezinkawini zase-Afrika emaphakathi nezwe, eligcine selitheleleka nakubantu lisuka ezilwaneni.
"Baningi abantu abakhathazeke ngokuthi eThekwini kunezinkawu eziningi, bacabanga ukuthi zingalisabalalisa leli gciwane kanti akunjalo. Izinkawu ezinaleli gciwane ezamaphakathi ne-Afrika futhi kunohlobo oluthile lwegciwane olusabalalayo. Njengamanje eDRC kunohlobo olusha, iClade IIb, olusabalala kakhulu yingakho bebaningi abantu abatheleleka ngalesi sifo kuleliya lizwe. Emazweni analeli gciwane lasuka ezinkawini, njengamanje lithelelana ngokuthintana kwabantu nakuleli kunjalo," kusho yena.
Uqhube wathi nakuba kukuningi abangakakwazi ngalesi sifo kodwa bayacabanga ukuthi ukubheduka kwaso kudalwe ukuthi ukugomela iSmallpox kuleli kwavalwa eminyakeni engu-40 eyedlule.
"IMpox iyigciwane elisemndenini owodwa nowe-Smallpox. Umgomo ovikela iSmallpox uyayivikela iMpox. Esingakakuqondi kahle okwamanje ukuthi kungani iziguli ezineHIV ezine-Cd4 Count engaphansi kuka-350 zigule kangaka,“ kuchaza uDkt Lessens.
USolwazi Nokukhanya Msomi, owungoti wezifo ezidalwa amagciwane, uthe okwamanje isikhungo esihlola uketshezi esibhekelele ukuhlola lesi sifo sisakwazi ukumelana nomthamo okhona woketshezi okumele luhlolwe.
USolwazi Yunus Moosa uthe okwamanje zonke iziguli ezingu-20, ezike zahaqwa yileli gciwane kuleli zilaliswe esibhedlela, zigula kakhulu.
“Esikwaziyo ukuthi okwamanje zonke iziguli ezihaqekile ngabesilisa abaya ocansini nabanye, iMpox ziyithole ngokusondelana nabanayo. Ngalokho angichazi ukuthi lesi sifo sithelelana ngocansi. Uketshezi oluphuma ezilondeni yilona olusuke lunegciwane. Ludlulela komunye ngokuthi uketshezi lungene esikhunjeni esilimele okungaba esisikekile, esishile noma esinomhuzuko,” kusho uSolwazi Moosa.