UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha noKongiwa kweMvelo, uMnuz Siboniso Duma, useveze ukuthi bazosungula izinhlelo zokusebenzisana kwezinhlaka ezahlukene ukulwa nesihlava sokubulawa kobhejane.
UDuma ukusho lokhu emva kokuthi ebe nomhlangano noNgqongqoshe wezaMahlathi, ukuDoba nezeMvelo uNkk Barbara Creecy ukubhunga ngezinkinga ezehlukene ezikhungethe isiqiwi iHluhluwe-iMfolozi Park.
Kuwo lo mhlangano bekuhloswe nokuthi kuphinde kuqhanyukwe nezixazululo zezinkinga ezikhona kulesi siqiwi.
Uthe njengoba silokhu siqhubeke njalo isihlava sokubulawa kobhejane esingaholela ekutheni kuphele nya ngabo, uhulumeni waKwaZulu-Natal usukhombisa ukuzibophezela ekuqinisekiseni ukuthi obhejane bayavikelwa.
Uveze ukuthi phakathi kwezinye izindlela abazozisebenzisa yilezo ezibonakale zithela izithelo ezinhle eminyakeni eminingi edlule.
Uveze ukuthi umhlangano uqhamuke nezindlela ezahlukene ukunqanda lesi sihlava.
“Ukufaka ubuchwepheshe nemishini ekwazi ukulandelela ngezinye zezinto ezihlonzwe njengezingasebenza ekutheni zisheshe zikhombe futhi zilandeleleababulala obhejane,” kusho uDuma.
Ukufakwa kwamakhamera, uDuma uthe nakho kungalekelela kakhulu.
Uthe izinhlaka zomthetho nazo zizosebenza ngokuzikhandla ukunqanda ukubulawa kobhejane ngokuthi kwenyuswe isibalo sabaqapha ezindaweni ezithathwa njengeziyingozi.
“Zizophinde ziqaphe ukushushumbiswa kwezimpondo zabo zibhekiswe kwamanye amazwe, kuboshwe nabazibandakanya ekubulaweni kwabo,” kusho uDuma.
Uveze ukuthi asekhona amaphoyisa ophiko lweSAPS Special Task Force neTactical Operations Teams abajutshiwe ukuthi bayoqapha eHluhluwe-iMfolozi Park.
Ubuye waveza ukuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal sihlongoza ukuthi zisuswe ngokusemthethweni izimpondo zobhejane.
UDuma uthe bayakholelwa ekutheni lokhu kungasisebenzela isifundazwe, njengoba kuwuhlelo oluke lwabonakalisa ukuthi luyasebenza ukulwa nesihlava sokuntshontshwa kwezimpondo zobhejane emazweni ase-Ningizimu ye-Afrika.
Uthe ngisho lungenziwa lolu hlelo kodwa kufanele lubhangqwe nezinye izinyathelo ukuze lusebenze kahle okukhona kuzo nokuqinisekisa ukuthi kubiyelwe ngendlela efanele, abaqaphi besiqiwi abanezinsizakusebenza ezanele, nezinhlaka zomthetho ezifanele ezifana namaphoyisa eSAPS, ilawo aqapha ubugebengu obuhleliwe, abaphenyi ne-National Prosecuting Authority (NPS), ukubhekisiswa kwezisebenzi kanjalo nokubambisana nomphakathi.
Ngenyanga edlule uMnyango wezaMahlathi, ukuDoba nezeMvelo ukhiphe izibalo ezikhombisa isibalo sokubulawa kobhejane okwenzeke nyakenye. Lesi sibalo siveze isithombe esingesihle njengoba kuvele ukuthi senyukile isibalo sokubulawa kobhejane. Kuthiwa iKwaZulu-Natal inesibalo sabangu-448 obhejane ababulewe, nokuyisibalo esicishe sifinyelele kuhhafu wobhejane ababulelwe ezweni lonke.
“Kuyakhathaza ukuthi ukubulawa kobhejane kulokhu kuqhubeke ngesibalo esishaqisayo. Kufanele sikuqhakambise ukongiwa kwemvelo nokubaluleka kwakho embonini yezokuvakasha, okuyiyo edala amathuba omsebenzi amaningi,” kusho uDuma.
Uthe benguhulumeni bamemezela ngokusemthethweni umbidlango wokulwa nokubulawa kobhejane.
“Kuwumsebenzi wethu ngokubambisana ukuthi silwe nalesi sihlava. Sibonga abasebenzi bethu kwezeMvelo KZN Wildlife abalokhu beqhubeke njalo nokusebenzisana nezinhlaka zomthetho nezazi zokongiwa kwemvelo ngomsebenzi wabo wokuqhubeka basebenze ezimeni ezibucayi ukuvikela imvelo,” kusho uDuma.
Uphinde wathi ubonga imiphakathi, efaka isandla ekuqinisekiseni ukuthi bayabavikela obhejane ekubulaweni kwabo.
Khonamanjalo, uphiko Ezemvelo Technical Services ngokubambisana neziphathimandla zeHluhluwe-iMfolozi Park bahambe bayohlola ucingo olusemngceleni ophakathi kweningizimu nentshonalanga yesiqiwi.
Lolu cingo lungamakhilomitha abalelwa ku-38.2.
Kuthiwa ukulungiswa kwalolu cingo kuzodla imali elinganiselwa ku-R9.5 million.
“Ukubalwa kwalesi samba kususelwe ekuhlawumbiseleni ukuthi ukufakwa kocingo ibanga eliyikhilomitha elilodwa kungadla u-R247 000,” kusho uDuma.
Uveze ukuthi yonke imigudu obekufanele ilandelwe ukuze kuqalwe lo msebenzi isiqediwe kanti usonkontileka unikeziwe umsebenzi ngoFebhuwari 24 nonyaka.