BAKHONONDA ngokuthi kabalutholi usizo emahhovisi oMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, abebehambele ingqungquthela yokudingida ngesihlava sokuhlukunyezwa nokubulawa kwabantu ngokobulili, iPresidential Summit on Gender Based Violence and Femicide ebiphothulwa izolo eGallagher Estate, eMidrand.
UNkk Sihle Sibisi, umsunguli wenhlangano iKwanele Foundation, uthe bafuna uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Lindiwe Zulu, abachazele ukuthi yikuphi lapho okufanele baye khona uma benezikhalo ngezikhulu zomnyango wakhe emazingeni aphansi.
“Njalo uma sizwakalisa ukungenami kwethu ngendlela abasiphatha ngayo thina zinhlangano ezingenzi inzuzo ezilwa nesihlava, sivalelwa ngaphandle ezintweni eziningi. Sifuna ukwazi ukuthi uma abantu enibabekile lapha emazingeni aphansi besivalela ngaphandle, yikuphi lapho okufanele siye khona?” kubuza uNkk Sibisi.
Uqhube wathi beyizinhlangano, kwasona lesi senzo basithatha njengokuhlukunyezwa kwabesifazane ngoba sibonakala sengathi siyimizamo yokubathulisa noma ukubanqinda amandla.
Ebhekise kuNgqongqoshe uZulu, usonhlalakahle osemnkantshubomvu uMnuz Mahlomula Tau, uthe bafuna enze imizamo yokuxhumana nezinhlangano zosonhlalakahle nezikhungo ezibaqeqeshayo.
“Ngesikhathi seCovid-19, sibe nethuba lokusebenza nosonhlalakahle abasebancane, sathola ukuthi sikhulu isidingo sokuthi uqeqesho lwabo luphinde lubuyekezwe,” kusho uTau.
Unobhala wenhlangano yabaphila nebala elimhlophe, iBeauty By Nature, uMnuz Piet Lengoabala, uthe kufanele uNkk Zulu azi ukuthi abesifazane abanebala bahlukunyezwa ngokuphindiwe kuleli.
“Sisizeni kuleyo nkinga esibhekene nayo, siyacela,” kukhala uLengoabala.
UMnuz Shane Grieco waseKimberley, uthe ufuna ukukhumbuza umnyango ukuthi uqeqesho abaluthole eminyakeni engaphezu kuka-28 edlule, luyize leze esikhathini sanamhlanje.
“Izimfundiso esazithola ngalesiya sikhathi, azisasiyisi ndawo manje,” kusho uGrieco.
UNkk Zulu uthe kuhle akudalule ukuthi akuzo zonke izikhulu zomnyango wakhe ezingenzi kahle emazingeni aphansi.
“Siyawuthanda umsebenzi owenziwa yizinhlangano ezingenzi inzuzo emphakathini. Uma kukhona izingqinamba ezihlangabezana nazo, azingathuli.
“Uma kukhona izinhlangano ezinezikhalo, kufanele zidlulele ezingeni eliphezulu ukubika inkinga, zingeza ngisho ehhovisi lami uqobo, zizobika ngqo izikhalo zazo,” kusho uNkk Zulu.
Uthe kufanele kucaciswe ukuthi akusizo zonke izikhulu zomnyango wakhe ezenza okubi, zikhona ezisebenza ngokuzimisela.