BEKUYINJABULO ngesikhathi isikole samabanga aphansi iMthethweni Primary, eMlaza, sivakashelwe inkampani i-Sporting Chance ibambisene nenkampani i-Walt Disney Afrika kuyoqwashiswa abafundi ngokuhlala bezivocavoca, izolo.
Ukuhambela izikole kuwuhlelo olubizwa nge-Happy Healthy Play nalapho behlose ukunika amandla izikole ezintula izinsiza ukuze zifundise nangokubaluleka kokuzivocavoca ezikoleni.
Ezinye izinto izingane eziqwashiswe ngazo ukufundiswa ukudla ukudla okunomsoco futhi okuzozinika amandla kanye nokuzivocavoca ngezindlela ezihlukahlukene ongakwenza uzihlalele ekhaya.
Imenenja yakwa-Sporting Chance, uMnuz Bradlyn Stuurman, ikhuluma neSolezwe, ithe lolu hlelo baluqala ngo-2016.
“Inhloso yethu ukuqhakambisa ukubaluleka kokuzivocavoca nokuthi izingane ziphile kahle. Isizathu sokuthi sivakashele ezikoleni ezingenazo izinsiza ezifanele yingoba ezinye zazo azinazo izinhlaka ezikahle zokuthi izingane zizivocavoce,” kusho uStuurman.
Uthe kumqoka ukuthi izingane zifundiswe zisezincane ngokuzivocavoca futhi kubekhona ozoziqeqesha ezikoleni.
“Izingane kumele ziphile impilo ekahle. Sisazama ukuthola abaqeqeshi emphakathini abazokwazi ukuziqeqesha ukuze siqhubeke nohlelo lwethu. Omunye umgomo esinawo wukuthi uma sesibatholile abaqeqeshi, sibahlomise ngolwazi. Siphinde sipende indawo esiyibiza nge-happy play ground ngaphakathi ezikoleni esizivakashelayo ukuze kuxhumane nohlelo lwezemfundo abalufundayo kwaGrade 3 okubalwa kulo ukuzivocavoca, ngezindlela ezehlukene,” usho kanje.
Uthisha, uNksz Zama Cuambe, ofundisa uGrade 3 eMthethweni, uthe okwenziwe yi-Disney World kubasize kakhulu.
“Sisizakele ngoba abantwana bazokhula bazi ukuthi yikuphi ukudla okumele bakudle okuzobasiza ekukhuleni kwabo nokumele bakugweme ukuze bangangenwa yizifo,” kusho uNksz Cuambe.
Uthe njengothisha bakuthokozelile okulethelwe abafundi ngoba kuyisifundo esihle. Uthe njengoba befundisa izingane bazoqikelela ukuthi ziyazivocavoca ngoba zingabantu abafunda ngokubuka. Uqhube wathi nezithombe abazitholile zibahlomise ngolwazi okuzosiza izingane ukuze zibone ukuthi uma zidla ukudla okuthile imizimba yazo izobukeka kanjani.