IZINDUNA zamabutho ziluleka abazohambela umcimbi wokudluliselwa kwesitifiketi seSilo uMisuzulu Sinqobile KaZwelithini, ukuba baziphathe kahle.
Izinduna zithe kubalulekile ukuthi abazohambela umcimbi wangesonto elizayo baziphathe kahle ngoba izwe lonke lizokube libheke umcimbi ozokuba senkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, eThekwini.
Izolo izinduna zamabutho eziqhamuka KwaZulu-Natal, zibe nomhlangano wokuphothula amalungiselelo omcimbi wango-Okthoba 29, zahlola inkundla yezemidlalo iMoses Mabhida, ukuthi ikulungele yini ukusingatha lomcimbi.
Unobhala wezinduna zaseZululand, uMnuz Muzi Nyandeni, unxuse abazohambela umcimbi ukuthi bangazifaki izikibha zezinhlangano zepolitiki.
“Lo mcimbi awuhlangene nepolitiki, ngakho izikibha zepolitiki azidingeki. Isizwe saMaZulu saziwa njengabantu abanehlonipho. Sinxusa bonke abantu abazokube behambele umcimbi ukuba baziphathe kahle, bakhombise lenhlonipho ehlezi ishiwo ukuthi sinayo,” kunxusa uNyandeni.
Uqhube wathi ahamba kahle amalungiselelo omcimbi wathi futhi bajabuliswe yesimo senkundla iMoses Mabhida.
“Siyazi sonke ukuthi silindele uMkhosi omkhulu wokugcotshwa kweNgonyama ngokukahulumeni, lapho kuzodluliselwa ngokusemthethweni isitifiketi seSilo. Izinduna zonke ziyavumelana ngokuthi inkundla ikulungele ukusingatha umcimbi walolu hlobo. Kukhona nezinto ezishoyo ukuthi uma kugcwala enkundleni kukhona lapho abantu bezokapakela khona, ukuze bangagcini sebegxobana. Siyacela ukuthi isizwe siphume ngothi lwaso ukuzogcoba Inkosi yaso.”
UNyandeni uthe okubaqinisa idolo ukudamba kombango wesihlalo sobukhosi owaqubuka ngemva kokukhothama kweSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Ukukhothama kukaMdlokombane kwaholela embangweni wesihlalo osaqulwa ezinkantolo namanje.
“Yilokhu sasho ekuqaleni sathi abeNdlovu bangabandawonye, sathi sicela ukuthula nozinzo. Lokhu sakusho kusashisa ngempela. Namanje sisaphinda siyasho ukuthi kufanele babuyise isithunzi sesihlalo kanye neseNdlunkulu,” kweluleka uNyandeni.