INHLANZI ishelwe ngamanzi ezikhulwini zikaMasipala weTheku ezimisiwe emsebenzini ngenxa yokusolakala ekukhwabaniseni u-R17 million wokwakha izindlu zomxhaso.
Kuphinde kwanikwa ezinye izikhulu eziyisithupha izincwadi ezazisa ngezinhlelo zokuzimisa emsebenzini mayelana nezinsolo.
Le mali kuthiwa yayikade ihlelelwe ukuthi kwakhiwe ngayo izindlu ezingxenyeni ezehlukene eThekwini, eMlaza kwa-T, eMaphephetheni naKwaMakhutha.
Iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iThe Mercury ngeledlule libike ukuthi uphiko oluphenya izenzo zenkohlakalo emkhandlwini luphenya ngalo mkhonyovu.
Izolo okhulumela umasipala, uNkk Gugu Sisilana ukuqinisekisile ukuthi kusukela ngenyanga eyedlule, iCity Integrity and Investigating Unit iyaphenya.
Uthe abasebenzi bamisiwe emuva kwezinsolo zokuthi kwasetshenziswa u-R17 m kukhokhelwa izinkampani ezimbili ngendlela engekho emthethweni.
“Kukhona nabanye abasebenzi abazomiswa ngalesi sigameko. Imininingwane yokuthi le mali yakhishwa kanjani iyingxenye yophenyo oluqhubekayo lwabaphenyi,” kuchaza uNkk Sisilana.
Ukuchithile ukuthi imali ekhwatshanisiwe iwu-R32 million, wathi ingu-R17 million.
Ukugcizelele ukuthi le mali kayizange inyamalale noma ilahleke kodwa ikhwatshanisiwe.
Udalule ukuthi yize ziqhubeka izinhlelo ezintathu zokwakhelwa kwabantu izindlu wumasipala kodwa isabelomali salo nyaka sesizoshoda.
“Ukuphothulwa kwalezi zinhlelo (ukwakhelwa kwabantu izindlu) sekuzobambezeleka njengoba sekuzoze kuphothulwe ngonyaka wezimali u-2024/25. ITheku lizibophezele ekutheni livundulule izenzo zenkohlakalo nokukhwabanisa lapho zivela khona,” kuchaza uNkk Sisilana.
Uthe lokhu bakwenza besebenzisa izinhlaka zangaphakathi emkhandlwini, okuthi uma kutholakala umsebenzi enecala bese ejeziswa.