IZIKHALAZO zamanye amalungu emagatsheni ophiko lwabesifazane lwe-ANC, kanjalo nezinkinga ohlelweni lokubhalisa zihlehlise ngesikhathi esiyisonto ingqungquthela ye-ANC Women’s League.
Le ngqungquthela obekumele iqale kusuka ngoLwesihlanu, isizongena ngoJulayi 21 kuya kuJulayi 23 eNasrec eGoli.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba, umgqugquzeli wophiko lwesikhashana lethimba le-ANC Women’s League, uNksz Baleka Mbete, uthe banqume ukuthi ihlehle le ngqungquthela ukuze balungise izikhalazo nezinkinga ezikhona.
Uthe abafuni ukutatazela wathi bafuna ukwenza izinto ngendlela.
“Asifuni ukuthi kube nezikhalazo yingakho sinqume ukuthi ingqungquthela ihlehle. Sinqume ukuthi sidinga elinye isonto ukuze silungise izinkinga ukuze kuthi kushaya usuku lwengqungquthela zibe sezilungisiwe.”
Uthe kuhlale kunezinkinga uma kuhlelelwa ingqungquthela.
Umxhumanisi walolu phiko, uNksz Moropene Ramokgopa, uthe bahlole uhlelo lokubhalisa kwamalungu aya engqungqutheleni ngempelasonto edlule, wathi kwezinye izifundazwe uhlelo luhambe kahle, kwezinye kube nezinkinga.
Uthe izifundazwe ezifana neKwaZulu-Natal ne-Eastern Cape zibe nezingqinamba wathi ngezinye zezinto abafuna ukuzilungisa ngaphambi kokuba kuqale ingqungquthela.
“Sifuna ukuthi kungabi nazinkinga uma sekuqala ingqungquthela. Izingqungquthela eziningi ze-ANC zibanjezelwa yizinkinga zokubhalisa. Yingakho sifuna ukuthi kufike isikhathi sengqungquthela sibe sesilungise yonke into. Sifuna ukuthi uma sekubhaliswa kube wusuku olulodwa kungabi yizinsuku eziningi.”
Uthe kule ngqungquthela ziningi izinto okuzobhungwa ngazo wathi bafuna ukuthi i-ANC iwine ukhetho ngonyaka ozayo.
UNksz Mbete uthe amalungu uma enezikhalazo, akhale ohlakeni oluseduzane kwalapho lelo lungu likhona.
“Akumele ngoba wazi umuntu othile ekomkhulu le-ANC, bese weqa zonke ezinye izinhlaka uye kobika kuzwelonke. Kumele ubike egatsheni lakho uma unezikhalazo.”
Kulesi sithangami kuvele ukuthi angu-2 700 amagatsha azothamela le ngqungquthela kanti yonke into ethinta indawo yokulala, izinto zokuthutha amalungu nezinye ezithinta ingqungquthela zimi ngomumo.