SEBEZOBA nebhange elibhekele izidingo zabesifazane bakuleli, emuva kokuthi uNksz Nthabeleng Likotsi ememezele ukuthi sebeyitholile ilayisensi ye-YWBN Mutual Bank.
Leli bhange le-Young Woman in Business Network (YWBN) linikwe ilayisensi wuphiko olubhekele ukusebenza kwamabhange lwe-South African Reserve Bank, olubizwa ngePrudential Authority neFinancial Sector Conduct Authority.
Esithangamini nabezindaba ebesingoLwesibili, uNksz Likotsi, uthe bekungelula ukuthi bathole ilayisensi yokuba yiMutual Bank njengoba kubathathe iminyaka eyisishiyagalolunye ukuthi bafike kulesi sigaba.
“Siqophe umlando njengoba iYWBN Mutual Bank, izoba yibhange lokuqala eliphethwe yiningi labesifazane. Ngafunda ngo-2014 ukuthi abantu abamnyama bangakwazi ukuvula ibhange labo.Bekungelula ngoba baningi abebengakholelwa kithina kodwa iningi lenu beliwujabulela umbono wami,” kusho uNksz Likotsi.
Uthe bekubalulekile kuyena ukuthi kube nebhange eliphethwe ngabesifazane abaningi ukuze libavulele amathuba emnothweni.
Ubalule ukuthi ufuna abesifazane baphile impilo emnandi ngaphandle kokuhlushwa yizikweletu.
Uveze ukuthi ngesikhathi ecela abantu ukuthi batshale imali kwi-YWBN Mutual Bank ngo-2020, bawu-10 000 abasabela ikhwelo lakhe. Bonke laba bantu bangenisa imali engaphezu kuka-R19 million.
Uthe kwamphatha kabi ukuthi uphiko olubhekele ukusebenza kwemali lumyalele ukuthi akabuyisele imali kubanikazi bayo ngoba akalandelanga imithetho elawula abasebenza ngemali.
“Ngayibuyisela imali kuwo wonke umuntu, yize abanye babengafuni ukuthi ngibabuyisele imali yabo. Okuhle wukuthi iphupho lethu lokuthi sibe nebhange liphumelele. Sesinayo ilayisensi yokusebenza njengebhange. Sizosiza abantu ukonga imali, sibabolekele eyokuvula amabhizinisi nokubhekela ezinye izidingo zabo. Kodwa ngingabagqugquzela abantu ukuthi bonge imali ukuze bazakhele umcebo wabo,” kusho uNksz Likotsi.
Uthe okwamanje alikavulwa ithuba lokuthenga izabelo kuleli bhange.
Mayelana nezinhlelo zokuthi lizotholakala kanjani ibhange, uNksz Likotsi, uthe konke kuzomenyezelwa emcimbini wokulivula ngokusemthethweni usazowazisa umphakathi ngesikhathi esifanele.
UNksz Nontsikelelo Sisulu oyingxenye ye-YWBN, uthe ukuthola kwabo ilayisensi kuwubufakazi bokuthi ukubekezela kuzala impumelelo.
Uthe bekubalulekile kubona ukuthi balandele umthetho ngisho noma ngabe kubathatha isikhathi eside kangakanani ukuthi bagcine bevula ibhange.