IBAGIXABEZE ngodilikajele abathathu umuntu ngamunye iNkantolo yesiFunda sasoLundi abesilisa ababili abalahlwe ngecala lokubulala umndeni wabathathu.
Ngokusho kokhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, ababulali babesola oyedwa wabagilwa ngokuthakatha.
Echaza ngesehlakalo, uNkk Ramkisson-Kara uthe ngoDisemba 2019 uNtethelelo Madi (21) no-Ayanda Khanyile bahlahlela ngobhushu owesilisa (68), umkakhe nomzukulu eMahlabathini.
“Itulo lokubulala balihlanganisa phambi kwabesilisa ababili kanti oyedwa wabo wayehlobene nabagilwa. UMadi wanikela kubo ukuyothatha ubhushu maqede bahamba noKhanyile baya emzini wabagilwa,” kuchaza uNkk Ramkisson.
Uqhube wathi uMadi noKhanyile bangena kulo muzi ngefasitela bagenca owesilisa (68) ngobhushu. Uthe baphinde benza okufanayo kunkosikazi kamufi nomzukulu ngaphambi kokushaya bachithe.
“Emva kwesigameko babuye bagonyuluka koyedwa wabesilisa ababehlela itulo phambi kwabo, bamsabisa ngokuthi angayithi vu,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Udalule ukuthi emva kwezinsuku ezimbalwa abagilwa bebulewe, uphenyo lwamaphoyisa lwawaholela kulaba besilisa uMadi noKhanyile ababopha itulo lokubulala phambi kwabo.
“Benza izitatimende emaphoyiseni ezibheca uMadi noKhanyile ngecala,” usho kanje.
UNkk Ramkisson-Kara uthe enkantolo uMshushisi woMbuso, uMnuz Mzwandile Baldwin Mtshali, wahola ubufakazi balona wesilisa uMadi noKhanyile abagonyuluka kuye, waphinde wabeka phambi kwenkantolo umbiko wokuhlolwa kwezidumbu.
“Bagwetshwe odilikajele abathathu umuntu ngamunye ngamacala amathathu okubulala. Izigwebo zabo bazozidonsa kanye kanye. Inkantolo iphinde yanquma ukuthi abakufanele ukuba nezibhamu,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Khonamanjalo, iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu igixabeze uDelisani Mkhize (54) ngodilikajele ababili neminyaka engu-10 ngaphezulu ngecala lokubulala unina nodadewabo ngoDisemba 2023.
Ukugwetshwa kukaMkhize kuza emva kokuthi evele walivuma icala lokudubula abulale unina, uNkk Mathithi Mkhize, nodadewabo, uNksz Celiwe Mkhize, eMid-Illovo.
Echaza ngesigameko, uNkk Ramkisson-Kara uthe nakuso umbulali wayesola abagilwa ngokumthakatha.
“Ngosuku lwesigameko uMkhize wathatha isibhamu sakhe wanikela ekhaya labagilwa, wabadubula ngaphambi kokuthi abanqume, waphosa amakhanda abo ethoyilethi lomgodi,” kusho uNkk Ramkisson.
Echaza ngesigwebo, uthe unikwe odilikajele ababili ngecala lokubulala umuntu ngamunye bese kuba iminyaka eyishumi ngecala lesibhamu esingekho emthethweni.