ISAZOBA nzima impilo kubantu baseNingizimu Afrika emuva kokuthi iStatistics South Africa (StatsSA) imemezele ukuthi amandla emali aseku-7.8% esuka ku-7.4% abekuwo ngokudlule.
Yize kunezinkomba zokuthi uzokwehla uphethroli ngenyanga ezayo kodwa ukunyuka kwamandla emali ngeke kuyenze ibe gcono ingcinezi kubathengi.
sazi sezomnotho nezomthetho uSolwazi Bonke Dumisa, sithe amandla emali asesimeni esibi, esagcinaukubonakala eminyakeni ewu-13 edlule.Uthe lokhu kusho ukuthi umuntu ngekeathenge impahla eningi ngemali anayo.
“Ukufika kwamandla emali ku-7.8% kusibeka engcupheni yokuthi iBhange loMbuso linyuse imalimboleko ngo-50 basis points noma ngo75 basis points uma selenza isimemezelo salo ngoSepthemba 22. Silindele ukuthi uphethroli wehle ngenyanga ezayo kodwa-ke uma kunyuka imalimboleko abantu bazothwala kanzima ngoba kusho ukuthi bazokhokha imali ethe xaxa ezikweletini zabo,” kusho uDumisa.
Inhlangano eyenza ucwaningo ngophethroli nakho konke okuthinta ezezimoto, i-Automobile Association (AA) iveze ukuthi ngenyanga ezayo ilitha likaphethroli lizokwehla ngo-R2.60 bese elikadizili lehle ngoR2.30.
UMnuz Mervyn Arbahams, obhekelele izinhlelo zePietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group, eyenza ucwaningo ngentengo yokudla nesimo senhlalo, uthe impilo inzima njengoba igilosa yomndeni isibiza uR4 775,59.
Uthe ukudla okuwu-21 kokuwu-44 abakucwaningayo kunyukile futhi uyathemba ukuthi ezinyangeni ezizayo ukudla kuzolokhu kwehla.
Ucele uhulumeni nosozimboni ukuthi badale amathuba omsebenzi ngoba abantu bathwele kanzima ngenxa yokunyuka kwezindleko zokuphila, njengezindleko zokudla, imali yokugibela nogesi.
Uthe abaningi bathembele ezibonelelweni zikahulumeni emuva kokulahlekelwa yimisebenzi ngenxa yeCovid-19.
Uthe ukudla okubizayo yimpuphu, amafutha, inyama ebomvu neyenkukhu, utamatisi, i-butternut, green pepper nezinye izitshalo.
Ukhale ngokuthi abantu bathwele kanzima ngoba igilosa isibiza ukudlula amaholo abasebenzi njengoba iNatonal Minimum Wage yomsebenzi ohola uR23.19 ngehora iwuR4 081.44 ngenyanga.
Esinye isazi somnotho sakwaFNB uNksz Koketso Mano, sithe impilo inzima emuva kokuthi amandla emali abe ku-7.8% ngoba ugesi, uphethroli nokudla kuyabiza.
Uthe yize uphethroli uzokwehla ngenyanga ezayo kodwa abantu bazosebenzisa imali abasele nayo ukubhekela ezinye izidingo, okusho ukuthi basazothwala kanzima.
Ugqugquzele abantu ukuthi baqhubeke nokubopha izifociya ngoba izinga lamandla emali kulindeleke ukuthi limenyezelwe ngoSepthemba 22.
Imifelandawonye yezinyunyana, okuyiCosatu neSaftu ithe izoqhubeka ilwe nokubiza kwempilo eNingizimu Afrika ngoba ngeke kugcine ngezimashi ezenzeke kuleli sonto kodwa kuzoba neminye imikhankaso.
Icele iBhange loMbuso ukuthi lithuthukise umnotho, liyeke ukucindezela abampofu ngokunyusa imalimboleko.