Uyolutheza olunenkume:
Ukuyotheza wukuyogawula noma ukuqoqa izinkuni zokubasa umlilo. Inkume yisilwane esifana neshongololo kodwa sona siyashesha kunalo. Kunenkolelo yokuthi inkume iyakwazi ukungena kumuntu ngemuva iguduze njalo ngaphakathi ibhodloze amathumbu imbulale.
Kuyenzeka uma umuntu eyotheza abuye nenkume ngoba ikhonzile ukuhala ehlathini nasezinkunini. Umuntu obeyotheza uhambanayo inkume icashe okhunini ize ifike ekhaya ibe yingozi kubantu.
Lesi saga sixwayisa umuntu ongalaleli uma etshelwa ukuthi uzozilandela ingozi ayilethe eduze naye. Kuthiwa uyolutheza ugodo noma ukhuni olunenkume bese kunqanyulelwa kuthiwa uyolutheza olunenkume.
Ukuyosika ilala :
Ilala wuhlobo oluthile lotshani olutholakala ezansi nomfula noma usuyongenela olwandle. Kuyenzeka abantu baphume umkhankaso bayofuna ilala ngoba lisebenza ukwenza izinto ezehlukene.
Uma umuntu emuke nomfula kuthiwa uye ukuyosika ilala, kuyenzeka egcine etholwe entanta kulona ilala ezinkwazini zomfula eseshonile.
Ukufa kabili okomkhovu:
UMKHOVU wumuntu osuke ethwetshulwe ngabathakathi, bethi ufile aze angcwatshwe kanti bafuna ukumsebenzisa ngezindlela zabo. Lowo muntu usuke ezoqhubeka aphile kumthakathi emenzisa imisebenzi yakhe kodwa umkhovu uma usuphelelwe yisikhathi uyafa futhi.
Kususelwa lapho ukuthi umuntu ufa imfakabili okomkhovu. Lesi sisho sisebenza kumuntu osuke ehlelwe yinto embi iphindelela.
Kuntwela ezansi/sekuntwela ezansi :
Ukuntwela wukuvela kokukhanya ebumnyameni. Kuthi uma kade kusebusuku sekusa, uma ubuka kude kusuke kungathi kunesikhala phakathi komkhathi. Kuleso sikhala kubonakala kubomvana, kuvela ukukhanya kwemisebe yelanga.
Uma kukhona isimo esibonakala sisibi, kungathi ngeke silunge kodwa kuzanywe kancane kancane sigcine silunga. Kuthi uma sekuqala kuthembisa bese kuthiwa sekuyantwela ezansi.
Ulwazi lucashunwe encwadini ebhalwe wu-Emmanuel Phumani Zondi ethi Siphuza Emithonjeni Yokhokho